Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 37:1 - IsiZulu 2020

1 UZedekiya, indodana kaJosiya, wabusa eyinkosi esikhundleni sikaKhoniya, indodana kaJehoyakimi, owayebekwe nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ukuba abe yinkosi kwaJuda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 USedekiya, indodana kaJosiya, waba yinkosi esikhundleni sikaKhoniya, indodana kaJehoyakimi, wabekwa inkosi ezweni lakwaJuda nguNebukadinesari, inkosi yaseBabele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UZedekiya indodana kaJosiya wabusa esikhundleni sikaKhoniya indodana kaJehoyakimi owabekwa inkosi ezweni lakwaJuda uNebukadinesari, inkosi yaseBabele.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 37:1
11 Referans Kwoze  

“Ngifunga ngiyagomela,” kusho uSimakade, “noma ngabe uKhoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ube yindandatho yokusicilela esesandleni sami sokunene, bengiyokukuhluthula khona lapho,


Inkosi yaseBhabhele yabeka uMathaniya, uyisekazi, waba yinkosi esikhundleni sakhe, yaliguqula igama lakhe waba nguZedekiya.


Inkosi uJehoyakini wakwaJuda wazinikela enkosini yaseBhabhele, yena, unina, izinceku zakhe, izikhulu zakhe nezikhulu esigodlweni sakhe. Inkosi yaseBhabhele yamthatha ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe.


Kwathi ngonyaka wama-37 wokuthunjwa kukaJehoyakini, inkosi yakwaJuda, ngenyanga ye-12, ngolwama-25 nanhlanu lwenyanga, u-Evili Merodakhi, inkosi yaseBhabhele; ngonyaka wokuqala wokubusa kwakhe, wamxolela uJehoyakini, inkosi yakwaJuda, wamkhipha ejele.


USimakade wangikhombisa; bheka, amaqoma amabili ayenamakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaSimakade, emveni kokuba uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ayesethumbe oJekhoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezingcweti nabacangcathi bensimbi, ebathumbe eJerusalema, wabayisa eBhabhele.


Le ndoda, uKhoniya, iyibhodwe elidelelwayo, noma isitsha esingafunwa muntu. Kungani ukuba yena nozalo lwakhe belahliwe, balahlelwa ezweni abangalaziyo na?


Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, ngesikhathi inkosi uZedekiya ithumele uPhashuri kaMalikhiya noZefaniya, indodana kaMahaseya, umphristi, ethi kuye:


“Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: hamba uye kuZedekiya, inkosi yakwaJuda, uyothi kuye: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: bheka, ngizakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBhabhele, eyakuwungqongqisa ngomlilo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite