Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 36:12 - IsiZulu 2020

12 wayesehlela esigodlweni senkosi, ekamelweni lombhali; bheka, kwakuhleli khona zonke izikhulu: u-Elishamu umbhali, uDelaya indodana kaShemaya, u-Elinathani indodana ka-Akhibhori, uGemariya indodana kaShafani, uZedekiya indodana kaHananiya, nazo zonke izikhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 wehlela endlini yenkosi ekamelweni lombhali; bheka, kwakuhlezi khona zonke izikhulu, u-Elishama umbhali, noDelaya indodana kaShemaya, no-Elinathani indodana ka-Akibori, noGemariya indodana kaShafani, noSedekiya indodana kaHananiya, zonke izikhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Wehlela endlini yenkosi ekamelweni lombhali, bheka, zonke izikhulu zazihlezi khona: u-Elishama umbhali, noDelaya indodana kaShemaya, no-Elinathani indodana ka-Akibori, noGemariya indodana kaShafani; noZedekiya indodana kaHananiya, nezikhulu zonke.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 36:12
13 Referans Kwoze  

Inkosi uJehoyakimi yathumela amadoda eGibhithe, u-Elinathani, indodana ka-Akhibhori namanye amadoda, baya eGibhithe.


U-Elinathani, uDelaya noGemariya babeyinxusile inkosi ukuba ingawushisi umqulu, kodwa ayibalalelanga.


Inkosi yayala uHilikiya, umphristi, u-Ahikamu, indodana kaShafani, u-Akhibhori, indodana kaMikhaya, uShafani, umbhali no-Asaya, inceku yenkosi, yathi kubo:


Kwathi ngenyanga yesikhombisa u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya ka-Elishama, ongowozalo lwasebukhosini futhi engomunye wezikhulu zenkosi kanye namadoda alishumi, bafika kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu eMizpha, badla khona ukudla ndawonye.


UJehoyakini wayeneminyaka eli-18 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema. Igama likanina kwakunguNehushitha, indodakazi ka-Elinathani waseJerusalema.


UHilikiya umphristi, u-Ahikamu, u-Akhibhori, uShafani, no-Asaya baya kuHulda umphrofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva kaHarihasi, umgcinizingubo, owayehlala eJerusalema engxenyeni yesibili, bakhuluma naye.


Kwathi ngonyaka we-18 wokubusa kwenkosi uJosiya, inkosi uJosiya yathumela uShafani, indodana ka-Azaliya kaMeshulamu, umbhali, endlini kaSimakade, wathi:


Izikhulu zathi enkosini: “Lo muntu makabulawe, ngoba uthena amabutho asasele kulo muzi nabantu bonke amandla, ngokukhuluma kubo lawa mazwi anje, ngokuba lo muntu akafuni inhlalakahle yalaba bantu, kodwa okubi kuphela.”


Lapho izikhulu zakwaJuda zizwa lezi zinto, zakhuphuka zisuka esigodlweni senkosi, zaya endlini kaSimakade, zahlala ngasekungeneni kwesango lendlu kaSimakade elisha.


Kepha isandla sika-Ahikamu, indodana kaShafani, sasinoJeremiya ukuba anganikelwa esandleni sabantu, ukuze bambulale.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite