Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 34:9 - IsiZulu 2020

9 Isimemezelo sokuba yilowo nalowo akhulule isigqila sakhe, nesigqilakazi sakhe, umHebheru nomHebherukazi, ukuze kungabi bikho muntu ogqilaza umfowabo kwaJuda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 ukuba yilowo nalowo akhulule isigqila sakhe, yilowo nalowo isigqilakazi sakhe, umHeberu nomHeberukazi, ukuze kungabikho muntu okhonzisa umfowabo kwaJuda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 ukuthi kube yilowo nalowo akhulule isigqila sakhe, kube yilowo nalowo isigqilakazi sakhe, umHeberu noma umHeberukazi; ukuze kungabi khona omkhonzayo, umJuda umfowabo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 34:9
16 Referans Kwoze  

Ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwana sakwaBhenjamini, umHebheru wamaHebheru, ngokomthetho ngingumFarisi.


BangamaHebheru yini na? Nami nginguye. Bangaba-Israyeli na? Nami nginguye. Bangabolibo luka-Abhrahama na? Nami ngiyilo.


Kepha nina luqobo nenza okubi, niyaqola; lokho nikwenza ngisho nakubazalwane benu.


Zonke izikhulu, nabo bonke abantu ababengene esivumelwaneni ukuba bavumelane, balalela, kwaba yilowo nalowo wakhulula isigqila sakhe nesigqilakazi sakhe, ukuba sihambe sikhululekile; kungabe kusaba khona ogqilazayo, balalela, bazikhulula, zahamba.


“ ‘Kuyakuthi ngalolo lusuku,’ kusho uSimakade Wamabandla, ‘ngephule ijoka entanyeni yabo, ngigqabule izibopho zabo, bangabe besabakhonza abafokazi,


Zonke izizwe ziyakumkhonza, yena nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sokuwa kwezwe lakhe, izizwe eziningi namakhosi amakhulu ayomenza isikhonzi sawo.


Ngokuba bayakugqilazwa nabo yizizwe eziningi nangamakhosi amakhulu, ngiyakuphindisela kubo ngokwezenzo zabo nangokwemisebenzi yezandla zabo.”


Baziveza bobabili kulo ibutho lamaFilisti. AmaFilisti ayesethi: “Bhekani, amaHebheru ayaphuma emigodini acashe kuyo.”


Qinani nibe ngamadoda nina maFilisti ukuze ningabi yizigqila zamaHebheru, njengoba ebeyizigqila zenu. Yibani ngamadoda, nilwe!”


AmaFilisti ezwa umsindo wokukhamuluka, athi: “Usho ukuthini lowo msindo wokukhamuluka ongaka enkanjinii yamaHebheru na?” Aqonda ukuthi umphongolo kaSimakade ufikile enkanjini.


“Uma umfowenu, umHebheru noma umHebherukazi, ezithengisa kini, ukuze anikhonze iminyaka eyisithupha, ngonyaka wesikhombisa niyakumyekela ukuba ahambe.


“Bayokulalela okushoyo; wena uyakuhamba namalunga akwa-Israyeli niye enkosini yaseGibhithe, nifike nithi: ‘USimakade, uNkulunkulu wamaHebheru uzibonakalisile kithi, ngakho-ke sivumele sihambe ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, ukuze sihlabele uSimakade uNkulunkulu wethu.’


Kwathi lapho iwuvula yabona; bheka, kwakungumfana; wayekhala. Yamhawukela, yayisithi: “Lona ngomunye wezingane zamaHebheru.”


Ngokuba empeleni ngathunjwa ezweni lamaHebheru, nalapha angenzanga lutho olufanele ukuba bangifake kulo mgodi.”


Kwafika ophume ngesamagundwane isabambene, wabikela u-Abhrama umHebheru, owayakhe eduze kwezihlahla ezinkulu zemi-okhi eMamre, umu-Amori, umfowabo ka-Eshikholi no-Aneri, ababenze isivumelwano no-Abhrama.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite