Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 34:8 - IsiZulu 2020

8 Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, ngesikhathi inkosi uZedekiya seyenze isivumelwano nabo bonke abantu baseJerusalema ukuba kwenziwe isimemezelo sokukhululwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lapho inkosi uSedekiya isenzile isivumelwano nabo bonke abantu baseJerusalema ukubamemezela ukukhululeka,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Leli yizwi elafika kuJehova kuJeremiya ngemva kokuba inkosi uZedekiya yenze isivumelwano nabo bonke abantu ababeseJerusalema ukuba bakhalele ukukhululwa kwabo;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 34:8
18 Referans Kwoze  

Unyaka wama-50 niyakuwungcwelisa, nimemezele ukukhululeka kwazo zonke izakhamuzi. Kuyakuba ngunyaka wejubhili kini, niyakubuyela, kube yilowo nalowo efeni lakhe, yilowo nalowo abuyele emndenini wakubo.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: nina aningilalelanga ukuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo nakumakhelwane wakhe. Bhekani, ngizakumemezela ukukhululeka kini, kusho uSimakade. Ngizokhulula inkemba, ubhubhane nendlala; nginenze nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.


UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaSimakade nenkosi nabantu, sokuba ngabantu bakaSimakade. Wenza futhi isivumelwano phakathi kwenkosi nabantu.


UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.


“Ngenxa yakho konke lokho, manje sesenza isivumelwano, sisibhala phansi, abaholi bethu, abaLevi bethu nabaphristi bethu bashaya isigxivizo.”


Manje kusenhliziyweni yami ukuba ngenze isivumelwano noSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ukuze ulaka lwakhe lusuke kithi.


UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kwakhe nabantu bonke nenkosi ukuba babe ngabantu bakaSimakade.


“Uma umfowenu, umHebheru noma umHebherukazi, ezithengisa kini, ukuze anikhonze iminyaka eyisithupha, ngonyaka wesikhombisa niyakumyekela ukuba ahambe.


“Ukuzila engikukhethileyo akukhona yini lokhu: ukuthukulula izibopho zenkohlakalo, ukukhumula izitilobho ejokeni, ukukhulula abacindezelweyo, nokuphula wonke amajoka na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite