Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 34:5 - IsiZulu 2020

5 Uyakufa ngokuthula; ushiselwe amakha njengalokhu ashiselwa amakhosi okuqala akwendulelayo. Bayokushisela amakha, bakulilele, bathi: “Maye nkosi!” Ngokuba Mina uqobo ngilikhulumile leli lizwi, kusho uSimakade.’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 uyakufa ngokuthula; njengokushiselwa kwawoyihlo, amakhosi okuqala ayengaphambi kwakho, kanjalo bayakukushisela wena, bakulilele, bathi: “Maye, nkosi!” Ngokuba ngilikhulumile izwi, usho uJehova.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha wena uyakufa ngokuthula, nangokushiswa kwawoyihlo, amakhosi akuqala ayephambi kwakho, bayakukushisela impepho; bayakulilela, bathi: “Awu, Nkosi! ngoba mina ngikhulumile ilizwi, kutsho uJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 34:5
10 Referans Kwoze  

Ngakho-ke usho kanje uSimakade ngoJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi: “Abayukumlilela bathi: ‘Hawu, mfowethu,’ noma, ‘Hawu, dadewethu!’ futhi abayukumkhalela bathi: ‘Hawu, nkosi,’ noma, ‘Maye, inkazimulo yakhe!’


Bamngcwaba ethuneni lakhe ayeziqophele lona emzini kaDavide. Bambeka endaweni yokulala egcwele iphunga elimnandi namakha anhlobonhlobo ayexutshwe alungiswa ngokwenza komthaki. Bashisa impepho eningi kakhulu.


Inkosi uNebukhadinezari yayisiwa ngobuso, yakhuleka kuDaniyeli, yayaleza ukuba banikele ngomnikelo nangempepho kuye.


“ ‘Ngifunga ngiyagomela,’ ” kusho iNkosi uSimakade, “ ‘impela endaweni yenkosi eyambeka waba yinkosi, wedelela isifungo sayo, wasaphula isivumelwano sayo; naye uyakufela khona eBhabhele.


Ogcotshiweyo kaSimakade, ongukuphila nomphefumulo wethu, wakhalakathela emigodini yabo, esathi ngaye: “Uyoba ngumthunzi wethu wokukhosela phakathi kwezizwe.”


Bheka, ngiyakukubuthela kokhokho bakho, uyakubuthelwa ethuneni lakho ngokuthula, amehlo akho awayukububona bonke ububi engiyakubehlisela phezu kwale ndawo naphezu kwabakhe kuyo.’ ” Baphindisela leli lizwi enkosini.


Ngakho-ke ngiyokubuthela kokhokho bakho, ubuthelwe edlinzeni lakho ngokuthula, amehlo akho awayukukubona konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo.’ ” Base bebuyisela enkosini lelo lizwi.


“ ‘Kepha yizwa izwi likaSimakade, Zedekiya, nkosi yakwaJuda. Usho kanje uSimakade ngawe, uthi: awuyukufa ngenkemba.


kwasuka wonke amadoda anamandla, ahamba ubusuku bonke, asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe ogangeni eBhethi Shani, ahamba nazo, afika eJabeshi azishisela khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite