Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 34:19 - IsiZulu 2020

19 ngisho izikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, abathenwa, abaphristi, nabo bonke abantu bezwe abebedlule phakathi kwezinhlangothi zethole.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 ngisho izikhulu zakwaJuda, nezikhulu zaseJerusalema, nabathenwa, nabapristi, nabo bonke abantu bezwe ababedlula phakathi kwezinhlangothi zethole,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 izikhulu zakwaJuda nezikhulu zaseJerusalema, abathenwa, nabapristi, nabantu bonke bezwe abadabula phakathi kwezingxenye zethole;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 34:19
14 Referans Kwoze  

Zonke izikhulu, nabo bonke abantu ababengene esivumelwaneni ukuba bavumelane, balalela, kwaba yilowo nalowo wakhulula isigqila sakhe nesigqilakazi sakhe, ukuba sihambe sikhululekile; kungabe kusaba khona ogqilazayo, balalela, bazikhulula, zahamba.


Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabehluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu, ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema.


asilalelanga izinceku zakho, abaphrofethi, ezazikhuluma egameni lakho emakhosini ethu, nasezikhulwini zethu, nakokhokho bethu, nakubo bonke abantu bezwe.


Kepha u-Ebhedi Melekhi, umKhushe owayengumthenwa esigodlweni senkosi, wezwa ukuthi uJeremiya bamfake emgodini. Inkosi yayihleli esangweni kwaBhenjamini.


Lokhu kwenzeka emveni kokuba inkosi uJekhoniya, indlovukazi emzalayo, izikhulu zasesigodlweni, izikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, izingcweti nabakhandi, sebesukile eJerusalema,


Yathumba uJehoyakini, yamyisa eBhabhele, indlovukazi unina wenkosi, amakhosikazi enkosi, izinduna zayo, nezikhulu zezwe, bonke yabathumba besuka eJerusalema yabayisa eBhabhele.


Inkosi uJehoyakini wakwaJuda wazinikela enkosini yaseBhabhele, yena, unina, izinceku zakhe, izikhulu zakhe nezikhulu esigodlweni sakhe. Inkosi yaseBhabhele yamthatha ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe.


Simakade, thina sinamahloni: kuwo amakhosi ethu, nakuzo izikhulu zethu, nakokhokho bethu, ngokuba sonile kuwe.


Selishonile ilanga, sekumnyama, kwabonakala imbawula eshunqayo nesihlonti sikhephuka ilangabi kudabula phakathi kwezinhlangothi zenyama.


Inkosi yaseBhabhele yabulala amadodana kaZedekiya eRibhila phambi kwakhe, ebuka; yabulala nazo zonke izikhulu zakwaJuda.


U-Abhrama wathi kuye: “Nkosi Simakade, ngiyokwazi kanjani ukuthi liyokuba yifa lami na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite