Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 34:16 - IsiZulu 2020

16 Kepha niphendukile futhi nalihlambalaza igama lami, kwaba yilowo nalowo wabuyisa isigqila sakhe nesigqilakazi sakhe enanizikhululile ngokufisa kwazo ukuba zihambe, seniphinde nazibuyisa ukuba nizicindezele futhi zibe yizigqila nezigqilakazi zenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kepha seniphendukile futhi, nalihlambalaza igama lami, nabuyisa, kwaba yilowo nalowo isigqila sakhe, yilowo nalowo isigqilakazi sakhe, enanizivumele ukuba zihambe, zikhululeke ngokuthanda kwazo, nazithobisa ukuba zibe yizigqila zenu nezigqilakazi zenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kodwa naphenduka, nalihlambalaza igama lami, nabuyisela, kwaba yilowo nalowo isigqila sakhe, kwaba yilowo nalowo incekukazi yakhe enayikhulula ngokuthanda kwenu, nabathobisa ukuba babe yizinceku nezincekukazi zenu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 34:16
15 Referans Kwoze  

“ ‘Aniyukwenza isifungo samanga ngegama lami; nize nihlambalaze igama likaNkulunkulu; nginguSimakade.


“Kepha-ke uma olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, enze nazo zonke izinengiso ezenziwa yizikhohlakali, ngabe uyakuphila yini na? Impela zonke izenzo zakhe ezilungileyo azenzileyo akukho nesisodwa esiyakukhunjulwa, uyakufela eziphambekweni azenzileyo nasezonweni one ngazo.


“Lapho olungileyo eguquka ekulungeni kwakhe, enze okubi, bese ngibeka isikhubekiso phambi kwakhe, uyakufa. Uma ungamxwayisanga ngenxa yesono sakhe, uyakufa, kuthi izenzo zakhe ezilungileyo azenzile zingabe zisakhunjulwa, kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.


Kepha emveni kwalokho bashaya ingwijikhwebu, bazibuyisa izigqila nezigqilakazi ababezivumele ukuba zikhululeke, bazigqilaza, zaba futhi yizigqila nezigqilakazi.


Ungaliphathi ngeze igama likaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba uSimakade akayukumyeka angamjezisi oliphatha ngeze igama lakhe.


“Ngiyazisola ukuthi ngimbekeleni uSawule waba yinkosi, ngokuba uyekile ukungilandela, akaze awafeza amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuSimakade ubusuku bonke.


“Kodwa nina niyalihlambalaza ngokukhuluma kwenu nithi: ‘Itafula leNkosi lingcolile, nokudla kwalo kudelelekile.’


Ngokuletha e-althare lami ukudla okungcolileyo. Qede nithi: “Sikungcolise ngani na?” Ngokusho kwenu nithi: “Itafula likaSimakade lidelelekile.”


“ ‘ “Ngiyakukwenza ukuba igama lami elingcwele laziwe phakathi kwabantu bami, u-Israyeli, ngingabe ngisavuma ukuba igama lami elingcwele lingcoliswe, izizwe ziyakukwazi ukuthi nginguSimakade, oNgcwele kwa-Israyeli.


“ ‘ “Nina ndlu yakwa-Israyeli,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade, “ ‘ “hambani; kube yilowo nalowo ayokhonza isithombe sakhe, kodwa kamuva niyakungilalela, ningabe nisalingcolisa igama lami elingcwele ngeminikelo yenu nangezithombe zenu.


Ngokuba nidabukise inhliziyo yolungileyo ngamanga; Mina angizange ngimdabukise; niqinise izandla zezikhohlakali ukuze zingaphenduki endleleni yazo embi, zisindiswe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite