Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 34:15 - IsiZulu 2020

15 Nina-ke namuhla niphendukile, nenza okulungileyo phambi kwami ngokumemezela ukukhululeka, kwaba yilowo nalowo wakhulula umakhelwane wakhe, nenza isivumelwano phambi kwami, endlini ebizwa ngegama lami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Nina-ke seniphendukile namuhla, nenza okulungile emehlweni ami ngokumemezela ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, nenza isivumelwano ngaphambi kwami endlini ebizwa ngegama lami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Manje seniphendukile nenza okulungile emehlweni ami ngokumemeza kube yilowo nalowo inkululeko yomakhelwane wakhe; futhi wenze isivumelwano phambi kwami endlini ebizwa ngegama lami.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 34:15
15 Referans Kwoze  

Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, ngesikhathi inkosi uZedekiya seyenze isivumelwano nabo bonke abantu baseJerusalema ukuba kwenziwe isimemezelo sokukhululwa.


Inkosi yema ngasensikeni, yenza isivumelwano phambi kukaSimakade ukuthi izomlandela, igcine imiyalo yakhe, ubufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yayo yonke, nangomphefumulo wayo wonke, nokuthi iyogcina wonke amazwi alesi sivumelwano esibhalwe kule ncwadi. Bonke abantu basamukela isivumelwano.


bahlanganyela nabafowabo nezikhulu zabo, benza isifungo esimbaxambili, sokuthi bazohamba ngomthetho kaNkulunkulu awunika uMose, inceku yakhe, nokuthi bazoyigcina yonke imiyalelo kaSimakade iNkosi yabo, nayo yonke imithetho nezimiso zakhe; uma besephula leso sifungo, siyophenduka isiqalekiso.


“ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami;


Kepha babeka izinengiso zabo endlini ebizwa ngeGama lami, ukuba bayingcolise.


Nokho bayangifuna nsuku zonke, bayakuthokozela ukwazi izindlela zami, ngokungathi bayisizwe esenza ukulunga, esingazishiyanga izimiso zikaNkulunkulu waso. Babuza kimi izehlulelo ezilungileyo, bayakuthokozela ukusondela kukaNkulukulu.


Ngifungile, futhi ngakuqinisekisa ukuthi ngizozigcina izehlulelo zakho ezilungileyo.


Thembisani, nizifeze izithembiso enizenza kuSimakade uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owesabekayo.


Wenza okuhle emehlweni kaSimakade, nokho akazange afane nokhokho wakhe uDavide. Kukho konke ukwenza kwakhe, wenza njengalokho kwenza uyise uJowashi.


UJehowashi wenza okulungile emehlweni kaSimakade izinsuku zonke zakhe, ngesikhathi uJehoyada umphristi emyala.


Unyaka wama-50 niyakuwungcwelisa, nimemezele ukukhululeka kwazo zonke izakhamuzi. Kuyakuba ngunyaka wejubhili kini, niyakubuyela, kube yilowo nalowo efeni lakhe, yilowo nalowo abuyele emndenini wakubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite