Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 34:14 - IsiZulu 2020

14 ‘Kuyakuthi ekupheleni kweminyaka eyisikhombisa, kube yilowo nalowo akhulule umfowabo ongumHebheru, ozithengise kuwe, uyakukusebenzela iminyaka eyisithupha, bese umkhulula ukuba ahambe,’ kepha okhokho benu kabangilalelanga, abakugqizanga qakala lokho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 ‘Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa niyakuvumela, kube yilowo nalowo umfowabo ongumHeberu othengisiwe kuwe, wakukhonza iminyaka eyisithupha, ukuba ahambe, nimdedele, akhululeke kini.’ Kepha oyihlo abangilalelanga, ababekanga izindlebe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ekupheleni kweminyaka eyisikhombisa liyakukhulula, kube yilowo nalowo umfowabo, umHeberu owathengiswa kuwe; uma ekusebenzele iminyaka eyisithupha, uyakumkhulula kuwe;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 34:14
28 Referans Kwoze  

“Uma umfowenu, umHebheru noma umHebherukazi, ezithengisa kini, ukuze anikhonze iminyaka eyisithupha, ngonyaka wesikhombisa niyakumyekela ukuba ahambe.


Kepha kwabakwa-Israyeli uSolomoni akenzanga namunye waba yisigqila, ngokuba bona babengamabutho, izinceku zakhe, izikhulu zakhe, abakhuzi bempi, abaphathi bezinqola zakhe nabamahhashi bakhe.


Maye, kimi muntu wosizi! Ngubani oyakungikhulula kulo mzimba wokufa na?


ukuba kuthengwe abampofu ngesiliva nabantulayo ngezimbadada, sithengise nangomuhu wokusanhlamvu.”


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwa-Israyeli, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathengise olungileyo ngesiliva, nompofu ngezimbadada ezimbili.


“ ‘Kepha bangihlubuka, abafunanga ukungilalela, kwaba yilowo nalowo akaze azilahla izinto ezenyanyekayo ezaziphambi kwakhe; abazishiyanga izithombe zaseGibhithe, ngase ngithi ngiyakuthululela ulaka lwami phezu kwabo; intukuthelo yami ephelele ngiyithululele kubo eGibhithe.


“Ndodana yomuntu uzakubehlulela yini, uzakubehlulela na? Bazise izinengiso zokhokho babo,


“Abantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda benze okubi kuphela phambi kwami, kusukela ebuntwaneni babo. Ngokuba abakwa-Israyeli akukho okunye abakwenzile ngaphandle kokungicunula ngemisebenzi yezandla zabo, kusho uSimakade.


“Ukuzila engikukhethileyo akukhona yini lokhu: ukuthukulula izibopho zenkohlakalo, ukukhumula izitilobho ejokeni, ukukhulula abacindezelweyo, nokuphula wonke amajoka na?


Usho kanje uSimakade, uthi: “Iphi incwadi yesehlukaniso engimlahle ngayo? Ngumuphi konyoko engimxoshile, ngubani enginesikweletu naye, engithengise ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngenxa yobubi benu, nangeziphambeko zenu; unyoko walahlwa.


Wababekezelela iminyaka eminingi, wabexwayisa ngoMoya wakho, wakhuluma ngabaphrofethi bakho, kodwa abakugqizanga qakala lokho, ngakho-ke wabanikela kubantu abakhelene nabo.


Kepha bazidelela izithunywa zikaNkulunkulu ngokuwabukela phansi amazwi akhe, nangokubhuqa abaphrofethi bakhe, yaze yaba nkulu intukuthelo kaSimakade ngabantu bakhe, kwesweleka ikhambi lokuyelapha.


Manje nihlose ukucindezela abakwaJuda, nabaseJerusalema nibenze izigqila nezigqilakazi zenu. Kepha aniyukuba necala yini kuSimakade uNkulunkulu wenu ngalokho na?


Kepha-ke akubanga bikho omunye owafana no-Ahabi owazithengisa, wenza okubi phambi kukaSimakade, edudwa nguJezebheli, umkakhe.


Ngathumela izinceku zami, abaphrofethi, ngibathuma ngiphindelela, ngithi: “Ake niphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze imisebenzi yenu ibe mihle, ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze; yikhona niyakuhlala ezweni engalinika nina nokhokho benu.” “ ‘Kepha aniyibekanga indlebe yenu, aningilalelanga.


Unyaka wama-50 niyakuwungcwelisa, nimemezele ukukhululeka kwazo zonke izakhamuzi. Kuyakuba ngunyaka wejubhili kini, niyakubuyela, kube yilowo nalowo efeni lakhe, yilowo nalowo abuyele emndenini wakubo.


“Ngasekupheleni kweminyaka eyisikhombisa niyokwenza uyekelelo.


Qaphelani ukuba ningabi nomcabango omubi enhliziyweni yenu, nithi: ‘Unyaka wesikhombisa, unyaka woyekelelo ususondele,’ bese nimbheka kabi umfowenu ompofu, ningabe nisamnika lutho. Kuyothi lapho ekhala kuSimakade ngani, lokho kube yisono sakho.


Ngokuba okhokho benu ngabayala nokubayala ngosuku engabakhuphula ngalo eGibhithe, kuze kube namuhla, ngabayala ngathi: “Lalelani izwi lami.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite