Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 34:13 - IsiZulu 2020

13 “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Mina ngenza isivumelwano nokhokho benu mhla ngibakhipha eGibhithe, endlini yobugqila, ngathi:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Mina ngenza isivumelwano nawoyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe endlini yeziboshwa, ngathi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngenza isivumelwano nawoyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe endlini yobugqila, ngathi:

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 34:13
24 Referans Kwoze  

uSimakade wathumela umphrofethi kwabakwa-Israyeli, wathi kubo: “Usho kanje uSimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli: ‘Nganikhuphula eGibhithe, nganikhipha endlini yobugqila;


ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu nguYena owasikhipha thina nokhokho bethu Gibhithe, endlini yobugqila, nowenza lezo zibonakaliso emehlweni ethu. Wasivikela endleleni yonke esahamba kuyo, naphakathi kwabo bonke abantu esedlula phakathi kwabo.


esingafani nesivumelwano engasenza nokhokho babo; mhla ngibabamba ngesandla, ngibakhipha eGibhithe; isivumelwano sami abasephula noma ngangiyinkosi yabo,” kusho uSimakade.


Sondela wena, uzwe konke lokho uSimakade uNkulunkulu wethu azokukhuluma, bese wena ukhuluma nathi, usitshele wonke amazwi uSimakade uNkulunkulu wethu azowasho kuwe, siyokulalela, siwenze.’


UMose weza watshela abantu wonke amazwi kaSimakade nezehlulelo zonke; abantu bonke baphendula ngazwi linye, bathi: “Wonke amazwi uSimakade awakhulumile sizowenza.”


Ngokuba okhokho benu ngabayala nokubayala ngosuku engabakhuphula ngalo eGibhithe, kuze kube namuhla, ngabayala ngathi: “Lalelani izwi lami.”


engayala ngaso okhokho benu mhla ngibakhipha eGibhithe, esithandweni sensimbi, athi: “Yizwani izwi lami, nikwenze konke lokho enginiyala ngakho, niyoba ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wenu;


Ngokuba angikhulumanga kokhokho benu, angibayalanga mhla ngibakhipha eGibhithe ngezindaba zeminikelo nemihlatshelo,


Nanka amazwi esivumelwano uSimakade amyala ngawo uMose ukuba asenze nabantu bakwa-Israyeli kwaMowabi ngaphandle kwaleso asenza nabo eHorebhe.


kepha uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe nokuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wakuhlenga lapho; ngalokho ngiyakuyala ukuba wenze lokhu.


Uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe, uqaphele ukuba uzilondoloze, futhi uzenze lezi zimiso.


Uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe, uSimakade uNkulunkulu wakho wakuhlenga, ngakho-ke ngiyakuyala ngalokhu namuhla.


Niyakumkhanda ngamatshe aze afe, ngokuba uzame ukunihlubukisa kuSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


bese inhliziyo yakho iqhosha, umkhohlwe uSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila,


Kepha kwaba ngenxa yokuba uSimakade enithanda, nangokuba wayegcina isifungo ayesenze nokhokho benu. USimakade unikhiphe ngesandla esinamandla, wanihlenga endlini yobugqila nasesandleni sikaFaro, inkosi yaseGibhithe.


kodwa uqaphele ukuba ungakhohlwa nguSimakade owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


“ ‘NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


“NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


Kuyakuthi ngomuso lapho indodana yakho ikubuza, ithi: ‘Kuyini lokhu na?’ uyothi: ‘USimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe, indlu yobugqila.


UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo.


Ngakho-ke izwi likaSimakade lafika kuJeremiya livela kuSimakade, lathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite