Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 33:8 - IsiZulu 2020

8 Ngiyakubahlambulula kubo bonke ububi babo abone ngabo kimi, ngizithethelele zonke izono zabo abazenzileyo nabaphambuke ngazo kimi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngiyakubahlambulula kubo bonke ububi babo abone ngabo kimi, ngithethelele zonke izono zabo abone ngazo kimi nabaphambuke kimi ngazo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngiyakubahlambulula ebubini babo bonke abone ngabo kimi; futhi ngizobathethelela zonke iziphambeko zabo abone ngazo futhi eqe ngazo kimi.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 33:8
20 Referans Kwoze  

Ngalolo lusuku kuyakuvulwa umthombo oyakuhlanza izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema.


Ngiyakunifafaza ngamanzi acwebe cwe, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.


nakuJesu Khristu, ufakazi othembekileyo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe,


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Kuyakuthi mhla nginihlambulula ebubini benu bonke, bese ngenza ukuba kuhlalwe kuyo yonke imizi, nezindawo ezibhidliziweyo zakhiwe kabusha.


Abasayukufundisana, kube yilowo nalowo afundise umakhelwane wakhe, noma umfowabo, athi: ‘Yazi uSimakade,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabadala,” kusho uSimakade, “ngokuba ngiyakubathethelela ububi babo, nesono sabo angisayukusikhumbula.”


Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” kusho uSimakade, “kuyakuphenywa ngecala lika-Israyeli, kodwa aliyukutholakala, nangezono zakwaJuda, kepha aziyukufunyanwa, ngokuba ngiyakubathethelela engiyakubashiya ukuba babe yinsali.


Iziphambeko zakho ngizesule njengefu, nezono zakho njengomlaza; buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”


Iziphambeko zingigabhile, uyazithethelela iziphambeko zethu.


Angiyukubajezisela icala labo legazi engingabajeziselanga lona.” USimakade uhlala eZiyoni.


yebo, nabo ngiyakubayisa entabeni yami engcwele, ngibathokozise endlini yami yokukhuleka. Iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yabo iyokwamukeleka e-althare lami, ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthi iyindlu yokukhuleka yezizwe zonke.”


Ngalolo lusuku ihlumela likaSimakade liyoba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyoba nodumo nobuhle ensalini ephunyukileyo yakwa-Israyeli.


Ngokuba ngalolo lusuku niyokwenzelwa ukubuyisana ukuze nihlanjululwe; nihlambuluke ezonweni zenu zonke phambi kukaSimakade.


Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe.


Isigwebo sakho nesikhathi sokuthunjwa kwakho sekuphelile, ndodakazi, yaseZiyoni. Kodwa wena, ndodakazi, yakwa-Edomi, uzojeziswa, Yena uzozambula izono zakho, ngenxa yobubi bakho.


Uyomhlenga u-Israyeli kuzona zonke iziphambeko zakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite