Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 33:22 - IsiZulu 2020

22 Njengalokhu ibandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa abozalo lukaDavide, inceku yami, nabaLevi abangikhonzayo.’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Njengebandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa inzalo kaDavide inceku yami namaLevi angikhonzayo.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Njengalokhu ibandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa inzalo kaDavide inceku yami namaLevi angikhonzayo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 33:22
23 Referans Kwoze  

ngizokubusisa impela, ngiyokwenza izizukulwane zakho zibe ziningi njengezinkanyezi esibhakabhakeni, nanjengesihlabathi ogwini lolwandle. Izizukulwane zakho ziyakunqoba izitha zazo, zidle nemizi yazo,


Ngakho-ke koyedwa, owayesefana nonjengosewafa, kwavela abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.


Wayesemkhiphela phandle wathi: “Bheka esibhakabhakeni ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wayesethi kuye: “Iyakuba ngako inzalo yakho.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Uma amazulu phezulu engake alinganiswe, nezisekelo zomhlaba emajukujukwini ziphenyisiswe; kulapho-ke Mina ngiyobalahla khona bonke abozalo luka-Israyeli, ngakho konke abakwenzileyo,” kusho uSimakade.


Ngiyakuthatha abanye kubo babe ngabaphristi nabaLevi,” kusho uSimakade.


Ngalolo lusuku uSimakade uyakubavikela abakhileyo eJerusalema; okhubekayo kubo ngalolo lusuku uyakuba njengoDavide, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, ifane nengelosi kaSimakade phambi kwabo.


“Kepha abantu bakwa-Israyeli bayakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa nakubalwa. Lapho bekuthiwa khona kubo: ‘Aniseyibo abantu bami,’ kuyakuthiwa kubo: ‘Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo.’


“ ‘Kepha abaphristi babaLevi, amadodana kaZadoki, ababegcina inkonzo yendlu yami engcwele ngesikhathi abakwa-Israyeli bephambuka kimi, yibona abayakusondela kimi, bangikhonze, bame phambi kwami, banikele ngamanoni nangegazi, kusho iNkosi uSimakade.


Uzalo lwakhe ngiyolwenza lume kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi siyokuma, inqobo nje kusekhona isibhakabhaka.


Izizukulwane ziyomkhonza, kulandwe ngayo iNkosi isizukulwane ngesizukulwane.


Izizukulwane zakho ziyoba ngangothuli lomhlaba, uyosabalalela entshonalanga nasempumalanga, enyakatho naseningizimu; izizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngawe nangezizukulwane zakho.


Ngiyokwandisa izizukulwane zakho zibe ngangothuli lomhlaba, ukuze kuthi uma kukhona ongase akwazi ukubala uthuli lomhlaba, angazibala nezizukulwane.


nezizukulwane zakho zibe ngangesihlabathi, nabantwana bezibilini zakho babe njengezinhlayiya zaso. Igama labo belingayukuqedwa, belingeke lashabalala phambi kwami.”


Kuyophuma kubo ukubonga nezwi lokuthokoza. Ngiyakubenza bande bangabe besancipha; ngibenze bahlonipheke, bangabe besadelelwa.


Abaphristi abangabaLevi abayukumswela umuntu oyokuma phambi kwami anikele ngeminikelo yokushiswa, ashise iminikelo yokusanhlamvu, anikele ngemihlatshelo izinsuku zonke.’ ”


Izwi likaSimakade lafika kuJeremiya, lathi:


Ngase ngiphrofetha njengoba ngiyaliwe; umoya wangena kuwo, aphila, ema ngezinyawo zawo, aba yimpi enkulu kakhulu impela.


Yathi kuyo: “Gijima utshele leya nsizwa ukuthi iJerusalema alisayukubiyelwa ngogange, ngenxa yobuningi babantu nemfuyo okukulo.


“Ngiyakubashayela ikhwelo, ngibaqoqe, ngokuba sengibahlengile. Bayakuba baningi njengakuqala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite