Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 33:2 - IsiZulu 2020

2 “Usho kanje uSimakade owenza umhlaba, wawubumba, wawumisa, nguSimakade igama lakhe, uthi:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Usho kanje uJehova okwenzayo, uJehova okubumbayo ukuba akuqinise, nguJehova igama lakhe, uthi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Usho kanje uJehova, uMenzi wako, uJehova owakubumbayo, ukuba akuqinise; nguJehova igama lakhe;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 33:2
21 Referans Kwoze  

“Awuzwanga yini ukuthi lokhu ngakuhlela kwasemandulo na? Ngakuceba ngezinsuku zakudala, lokhu engikwenzayo manje ukucekela phansi imizi ebiyelweyo, ibe yizindunduma zemvithi.


USimakade uyindoda yempi, nguSimakade igama lakhe.


Ngabonakala ku-Abhrahama, ku-Isaka, nakuJakobe njengoNkulunkulu uSomandla, kodwa igama lami, ‘uSimakade’ angibazisanga lona.


Yahamba nami ngikuMoya, yaya nami entabeni enkulu nephakeme, yangikhombisa umuzi ongcwele, iJerusalema, wehla ezulwini kuNkulunkulu.


futhi ningamniki ukuphumula aze alakhe iJerusalema, alibeke libe yindumiso emhlabeni.


abantu engizidalele bona, ukuze bamemezele udumo lwami.


Manje usho kanje uSimakade owakudala wena Jakobe, nowakubumba wena Israyeli, uthi: “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile, ngikubize ngegama lakho; ungowami.


Ziyophendulwa ngokuthini izithunywa zesizwe na? Kuyothiwa nguSimakade omisele abahluphekileyo babantu bakhe iZiyoni, ukuba bayophephela kulo.


Ngokuba uSimakade ulakhile iZiyoni, ubonakele enkazimulweni yakhe.


Kuyothiwa ngeZiyoni: “Yilo, nalo bazalelwa khona, Ophezukonke uyaliqinisa.”


Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ovunuliselwe umyeni wakhe.


Kepha manje balangazelela lelo elihle kunalelo, okungukuthi elasezulwini. Ngakho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngoNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.


ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omdwebimumo nomakhi wawo kunguNkulunkulu.


owakhe isigodlo sakhe esinamakamelo aphezulu ezulwini, ukwendlaleka kwaso kusekelwe emhlabeni, obiza amanzi olwandle, awathululele phezu komhlaba, nguSimakade igama lakhe.


lowo owenza isilimela nomthala, oguqula ubumnyama bube yintathakusa, aphendule ubusuku bube yimini, obiza amanzi olwandle, awathululele phezu komhlaba, igama lakhe nguSimakade,


Wena obenzela umusa abayizinkulungwane, futhi uyaphindisela ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo, Wena Nkulunkulu omkhulu noyiqhawe, ogama lakho kunguSimakade Wamabandla.


Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe.


“Ngakho-ke ngiyakubazisa, ngalesi sikhathi ngiyakubenza bazi isandla sami namandla ami, bayokwazi ukuthi igama lami nginguSimakade.”


Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe.


“NginguSimakade; yilelo igama lami; angiyukumnika omunye inkazimulo yami, nezithombe ezibaziweyo, udumo lwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite