Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 33:12 - IsiZulu 2020

12 “Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Kuyakuthi kule ndawo eyincithakalo, engenamuntu nazilwane, nakuyo yonke imizi yayo, kube khona amadlelo abelusi abayobuthisela khona imihlambi yabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Kuyakubuye kube khona kule ndawo echithekileyo, engenamuntu nazilwane, nakuyo yonke imizi yayo ikhaya labelusi abenza ukuba izimvu zabo zibuthise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Kule ndawo eyincithakalo, ingenamuntu, ingenazilwane, nakuyo yonke imizi yayo, kuyakuba khona indawo yokuhlala yabelusi ababuthisa umhlambi wabo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 33:12
17 Referans Kwoze  

ISharoni liyakuba yidlelo lezimvu, nesigodi i-Akhori sibe yindawo yokubuthisa izinkomo kubantu bami.


uthi: ‘Simakade, Wena ukhulumile ngale ndawo ukuthi uzoyiqeda ukuze kungabi bikho muntu nasilwane okuhlala kuyo, ngoba izokuba yihlane, kuze kube phakade.’


Uyakuthi-ke kuJehoyakimi, inkosi yakwaJuda: ‘Usho kanje uSimakade uthi: uwushisile lo mqulu, uthi: “Ulobeleni kuwo ukuthi inkosi yaseBhabhele izofika nokufika izobhubhisa leli lizwe, yenze ukuba kungabe kusaba nabantu nezilwane kulo na?”


UJuda nayo yonke imizi yakhe bayakuhlala kulo ndawonye, abalimi baphume nemihlambi.


Bayakufika bevela emizini yakwaJuda, nasemizaneni ezungeze iJerusalema, ezweni lakwaBhenjamini, emagqumeni nakwelezintaba naseNegevu, belethe iminikelo yokushiswa, imihlatshelo, iminikelo yokusanhlamvu, nenhlaka, bayofika naneminikelo yokubonga endlini kaSimakade.


Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wami, umhlambi wakho uweluselaphi, uwuphumuzelaphi emini na? Kungani kumele ngihambe ngicinga emihlanjini yabangani bakho, njengowesifazane ogubuzele ngemvakazi na?


Bayakufika behlabelela ngokujabula, esicongweni seZiyoni bayakuthakasa ngenxa yokuhle abazokuphiwa nguSimakade; okusanhlamvu, iwayini, amafutha, amazinyane ezimvu namankonyane ezinkomo; umphefumulo wabo uyakuba njengensimu eniseliweyo, bangabe besaba nosizi nanini.


Ngokuba uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, usho kanje, uthi: kuleli lizwe kuyakubuye kuthengwe izindlu, amasimu nezivini.’


“Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo; baphambukiswe ngabelusi babo, babazulazulisa ezintabeni, basuka entabeni, baya egqumeni, bayikhohlwa indawo yabo yokuphumula.


“Ngabe sekuyisikhathi senu yini lesi sokuba nihlale ezindlini zenu ezihlotshisiwe, ekubeni le ndlu iyincithakalo, na?”


Bayakuthi: “Leli lizwe ebeliyihlane selifana nensimu yase-Edene; nemizi ebibhujisiwe, ebiyincithakalo nebibhidliziwe isibiyelwe, sekukhona abahlala kuyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite