UJeremiya 33:11 - IsiZulu 202011 umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, izwi lalabo abathi: “ ‘ “Bongani uSimakade Wamabandla, ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade.” “ ‘Kuyozwakala nezwi labaletha iminikelo yokubonga endlini kaSimakade, ngokuba izwe ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwalo, liphinde libe njengakuqala,’ kusho uSimakade. Gade chapit laIBHAYIBHELI ELINGCWELE11 izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, izwi labathi: “ ‘ “Bongani uJehova Sebawoti, ngokuba uJehova muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade,” “ ‘nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe njengakuqala,’ usho uJehova. Gade chapit laContemporary Zulu Bible 202411 Izwi lenjabulo nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi likamakoti, izwi lalabo abathi: “Dumisani uJehova Sebawoti, ngokuba uJehova muhle; ngokuba umusa wakhe umi phakade nowabaletha umnikelo wokudumisa endlini kaJehova. Ngoba ngizobuyisela isiphetho sezwe njengoba sasinjalo ekuqaleni,” kusho uJehova. Gade chapit la |
Kwakungumsebenzi walabo ababephethe amacilongo nabahlabeleli ukuba bezwakalise kanyekanye, ngazwi linye, indumiso nokubonga kuSimakade. Ngesikhathi bezwakalisa indumiso ngamacilongo, amasimbali, nangazo zonke izinto zokudumisa, babedumisa uSimakade ngokuba emuhle, umusa wakhe umi phakade; indlu yagcwaliswa yifu, indlu kaSimakade.