Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 32:43 - IsiZulu 2020

43 Amasimu ayothengwa kulo leli lizwe esenithi ngalo liyincithakalo, alisahlalwa muntu nasilwane, nokuthi linikelwe esandleni samaKhaledi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 Amasimu ayakuthengwa kuleli zwe enisho ngalo ukuthi liyincithakalo, lapho kungekho muntu nazilwane khona, nokuthi linikelwe esandleni samaKaledi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

43 Kuyakuthengwa amazwe kuleli zwe enisho ngalo ukuthi: Liyihlane elingenamuntu nasilwane; linikelwe esandleni samaKaledi.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 32:43
7 Referans Kwoze  

Ngokuba uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, usho kanje, uthi: kuleli lizwe kuyakubuye kuthengwe izindlu, amasimu nezivini.’


“Ngakho-ke manje usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngalo muzi enithi ngawo: ‘Unikelwe esandleni senkosi yaseBhabhele ngenkemba, ngendlala nangobhubhane,’ uthi:


“Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Kuyakuzwakala futhi kule ndawo enithi ngayo iyincithakalo, akuhlali muntu nasilwane kuyo, emizini yakwaJuda, nasemigwaqweni eJerusalema ebhujisiweyo engenazakhamuzi, nabantu, nazilwane,


Wena Nkosi Simakade, noma umuzi unikelwe esandleni samaKhaledi, washo kimi, wathi: ‘Zithengele insimu ngesiliva, ube nofakazi.’ ”


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Kuyakuthi kule ndawo eyincithakalo, engenamuntu nazilwane, nakuyo yonke imizi yayo, kube khona amadlelo abelusi abayobuthisela khona imihlambi yabo.


Bahlale kulo belondekile, bakhe izindlu, batshale izivini, bahlale bevikelekile, ngesikhathi ngibehlulela bonke ababedelelayo ababazungeze nxazonke, bayakukwazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wabo.” ’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite