Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 32:39 - IsiZulu 2020

39 ngiyakubanika nhliziyonye nandlelanye, ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 ngibanike inhliziyonye nendlelanye ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Ngizabanika inhliziyo eyodwa lendlelanye, ukuze bangesabe kuze kube nininini, kube yinzuzo yabo leyabantwana babo emva kwabo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 32:39
38 Referans Kwoze  

Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye namphefumulo munye, akubanga bikho noyedwa owathi ngempahla yakhe, ingeyakhe, kodwa bahlanganyela kukho konke.


ukuze bonke babe munye, njengalokhu Wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi ungithumile.


Bayakuhlala ezweni engilinike inceku yami, uJakobe, ababehlala kulo okhokho bakho; bayakuhlala kulo, bona nabantwana babo, nezizukulwane zabo kuze kube phakade. UDavide inceku yami uyakuba yinkosi yabo kuze kube phakade.


Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake umoya omusha ezibilinini zenu, ngiyikhiphe inhliziyo yetshe emzimbeni wenu, ngininike inhliziyo yobuntu.


ngendlela entsha nephilayo asivulela yona, edabula isihenqo, okungukuthi umzimba wakhe,


UJesu wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Ngiyakwenza nabo isivumelwano esimi phakade, ngingayeki ukubenzela okuhle, ngiyakubeka ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.


Inhliziyo yakho mayingabi nomhawu ngezoni, kunalokho mesabe njalo uSimakade.


Isandla sikaNkulunkulu sasikuJuda ukubenza babe nhliziyonye ukuze bagcine isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaSimakade.


Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngenxa yomfazi okholwayo, nomfazi ongakholwa ungcwelisiwe ngenxa yendoda, kungenjalo izingane zenu zingcolile, kodwa kalokhu zingcwele.


ukuthi uNkulunkulu usigcwalisile sona kubantwana bethu ngokumvusa uJesu, njengokuba kulotshiwe futhi kulo ihubo lesibili, ukuthi: “ ‘Wena uyiNdodana yami, namuhla ngikuzele.’


Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayukuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayukuduka kuyo.


Elokugcina bazalwane, thokozani, nihlumeleleke, nigqugquzeleke, nibe namqondo munye, futhi nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.


Uma ulibo lungcwele, nenhlama injalo; uma impande ingcwele, anjalo namagatsha.


Ngakho-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke iJudiya, eGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ngokuyesaba iNkosi, nangenduduzo kaMoya oNgcwele, likhula kakhulu.


“UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukuba anibusise ngokuniphendula, kube yilowo nalowo aphenduke ebubini bakhe.”


Ngokuba isithembiso singesenu nesabantwana benu, futhi singesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”


Ngiyakubenza babe yisizwe esisodwa ezweni, ezintabeni zakwa-Israyeli, kube nenkosi eyodwa eyakubabusa bonke, bangabe besaba yizizwe ezimbili, futhi bangabe besahlukaniswa babe yimibuso emibili.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze ngemikhondo yasemandulo ukuthi ikuphi indlela enhle, nihambe kuyo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu, kepha, bathi: ‘Asiyukuhamba kuyo.’


Abalindi benu baliphakamisile izwi labo, bayakhamuluka bethokoza kanyekanye, ngokuba bayozibonela ngawabo amehlo, lapho uSimakade ebuyela eZiyoni.


ubone abantwana babantwana bakho. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Haleluya! Ubusisiswe umuntu owesaba uSimakade, othokoza kakhulu ngemiyalelo yakhe.


Sengathi kungaba njalo enhliziyweni yabo, bangesabe, bayigcine njalo yonke imiyalelo yami, ukuze kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


Yathi: “Ungamthinti umfana, ungamenzi lutho, ngoba manje sengiyazi ukuthi ungumuntu omesabayo uNkulunkulu, ngokuba awungigodlelanga indodana yakho eyodwa.”


futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”


Ngiyakumisa isivumelwano esiphakade phakathi kwami nawe, nezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wakho nowazo.


USimakade wasiyala ukuba senze zonke lezo zimiso, simesabe uSimakade uNkulunkulu wethu, ukuze kube kuhle kithi njalo, asigcine siphilile njengoba kunjalo namuhla.


Simakade, ngifundise indlela yakho, ngizohamba eqinisweni lakho. Inhliziyo yami yenze iqonde into eyodwa vo, yesabe igama lakho.


Abayukushikashikela ize, noma bazale izingane bezizalela ukuhlupheka, ngokuba bayizizukulwane zababusisiweyo bakaSimakade, kanjalo nabantwana babo.


“Kepha yilesi isivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli, emveni kwalezo zinsuku,” kusho uSimakade: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


ukuze umesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho, zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho.


Ngiyakubanika inhliziyo yokuba bangiqonde ukuthi nginguSimakade. Bayakuba ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wabo, bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke.


“ ‘ “Inceku yami, uDavide, iyakuba yinkosi, ibabuse, bonke babe nomelusi oyedwa, bayakuhamba ezehlulelweni zami, bazigcine izimiso zami, futhi bazenze.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite