Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 32:34 - IsiZulu 2020

34 Kepha babeka izinengiso zabo endlini ebizwa ngeGama lami, ukuba bayingcolise.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Kepha bazibeka izinengiso zabo endlini ebizwa ngegama lami ukuba bayingcolise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Kodwa bamisa izinengiso zabo endlini ebizwa ngebizo lami, ukuze bayingcolise.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 32:34
15 Referans Kwoze  

“ ‘Abantu bakwaJuda benzile okubi phambi kwami,’ kusho uSimakade. ‘Babeke izinto zabo ezinengisayo endlini ebizwa ngeGama lami ukuba bayingcolise.


“Abaphrofethi nabaphristi bangcolile, nasendlini yami ngithole inkohlakalo yabo,” kusho uSimakade.


Wasusa onkulunkulu babezizwe nesithombe endlini kaSimakade. Wabhidliza wonke ama-althare ayewakhe entabeni yendlu kaSimakade naseJerusalema, wakulahla konke ngaphandle komuzi.


Yamkhiphela ngaphandle kweJerusalema u-Ashera, endlini kaSimakade, yamshisa emfudlaneni iKidroni, yamgaya waba luthuli, yalahla umlotha wakhe emangcwabeni amadodana abantu.


UManase wayeneminyaka eli-12 eqala ukubusa, wabusa iminyaka engama-55 eJerusalema. Igama likanina kwakunguHefizibha.


Niyofika yini nime phambi kwami, kule ndlu ebizwa ngeGama lami, nithi: “Sihlengiwe,” ukuze nenze zonke lezi zinengiso na?


Ngokuba bangihlubukile, baphatha le ndawo njengeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, ababengabazi, bona nokhokho babo, namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala.


Nina-ke namuhla niphendukile, nenza okulungileyo phambi kwami ngokumemezela ukukhululeka, kwaba yilowo nalowo wakhulula umakhelwane wakhe, nenza isivumelwano phambi kwami, endlini ebizwa ngegama lami.


Kepha ngathumela kini zonke izinceku zami, abaphrofethi, ngazithumela ngiphindelela, ngithi: ‘Maningakwenzi lokhu okunengekayo engikuzondayo.’


Zonke izikhulu zabaphristi nabantu baphambuka kakhulu, benza okungalungile, balandela zonke izinengiso zabezizwe, bayingcolisa indlu kaSimakade ayeyingcwelise eJerusalema.


Bakhe izindawo eziphakemeyo eThofethi, esesigodini sendodana kaHinomu, ukuba bawashisele khona amadodana namadodakazi abo, into engingabayalanga ukuba bayenze, nengingakaze ngiyicabange.


Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe, azisakufuni, ngokuba ngikushaye njengesitha, ngakuyala njengononya, ngenxa yobukhulu bokona kwakho, nangenxa yobuningi bezono zakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite