Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 32:30 - IsiZulu 2020

30 “Abantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda benze okubi kuphela phambi kwami, kusukela ebuntwaneni babo. Ngokuba abakwa-Israyeli akukho okunye abakwenzile ngaphandle kokungicunula ngemisebenzi yezandla zabo, kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 “Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda benzile okubi kuphela emehlweni ami kwasebuntwaneni babo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bangicunulile kuphela ngemisebenzi yezandla zabo, usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda benzile okubi kuphela phambi kwami kwasebusheni babo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bangicunule ngomsebenzi wezandla zabo kuphela,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 32:30
25 Referans Kwoze  

“Kepha aningilalelanga, ningicunulile ngemisebenzi yezandla zenu, nazigwaza ngowenu,” kusho uSimakade.


Ngakhuluma kuwe kusakuhambela kahle, kepha wathi: ‘Ngeke ngilalele.’ Lokhu kungumkhuba wakho, kwasebusheni bakho; ukuba ungalilaleli izwi lami.


Masilale phansi sinamahloni, ihlazo lethu lisisibekele, ngokuba sonile kuSimakade uNkulunkulu wethu, thina nokhokho bethu, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu.”


Nganingenisa ezweni elivundileyo ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo; kepha lapho seningenile, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.


Nokho bahlubuka, bawudabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.


Iphunga lalowo mnikelo lamthokozisa uSimakade, wayesethi enhliziyweni yakhe: “Umhlaba angisayukuphinde ngiwuqalekise ngenxa yabantu. Umuntu vele unemicabango emibi kusukela ebuncaneni bakhe. Ngeke ngiphinde ngikubhubhise ngozamcolo konke okuphilayo njengalokhu ngenzile.


Babefeba eGibhithe, bafeba kusukela ebusheni babo; amabele abo awotwawotwa khona, zapotozwa lapho izingono zobuntombi babo.


ngesikhathi sengibangenise ezweni engangifungile ukuthi ngiyobanika lona. Kwathi lapho bebona amagquma aphakemeyo nazo zonke izihlahla ezinamacembe, base benikela lapho ngemihlatshelo yabo, bangichukuluza ngeminikelo yabo, benza lapho kwaba nephunga elimnandi, bathululela lapho iminikelo yokuphuzwayo.


“ ‘Kepha bangihlubuka, abafunanga ukungilalela, kwaba yilowo nalowo akaze azilahla izinto ezenyanyekayo ezaziphambi kwakhe; abazishiyanga izithombe zaseGibhithe, ngase ngithi ngiyakuthululela ulaka lwami phezu kwabo; intukuthelo yami ephelele ngiyithululele kubo eGibhithe.


Kuyezwakala izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami, livela ezweni elikude, lithi: “USimakade akekho yini eZiyoni na? Inkosi yalo ayikho yini kulo na?” “Bangichukuluzeleni ngezithombe zabo ezibaziweyo, nangokuyize kwabezizwe na?”


“USimakade Wamabandla owakutshala ukhulume okubi ngawe, ngenxa yobubi obenziwe yindlu ka-Israyeli nendlu yakwaJuda, bachukuluza ulaka lwami ngokushisela uBhali impepho.”


Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe, azisakufuni, ngokuba ngikushaye njengesitha, ngakuyala njengononya, ngenxa yobukhulu bokona kwakho, nangenxa yobuningi bezono zakho.


“Zithathele umqulu wencwadi, ulobe kuwo wonke amazwi engiwakhulume kuwe ngo-Israyeli, nangoJuda, nangazo zonke izizwe, kusukela ngosuku engakhuluma ngalo kuwe ngezinsuku zokubusa kukaJosiya kuze kube namuhla.


ngenxa yobubi babo ababenzayo, bachukuluza ulaka lwami, ngokuhamba bayoshisa impepho, bakhonza abanye onkulunkulu abangazange babazi bona, nani, nokhokho benu.


Ningabalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze, nikhuleke kubo, ningangicunuli ngemisebenzi yezandla zenu, khona ngingayukunilimaza.


Niluchukuluzeleni ulaka lwami ngemisebenzi yezandla zenu, nishisela abanye onkulunkulu impepho eGibhithe, lapho niye ukuba niyogogobala na? Nizibhubhisa nina, ukuze nibe yisiqalekiso nehlazo ezizweni zonke zomhlaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite