Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 32:25 - IsiZulu 2020

25 Wena Nkosi Simakade, noma umuzi unikelwe esandleni samaKhaledi, washo kimi, wathi: ‘Zithengele insimu ngesiliva, ube nofakazi.’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Wena Nkosi Jehova, noma umuzi unikelwe esandleni samaKaledi, washo kimi, wathi: ‘Zithengele insimu ngemali, uzifakazisele.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Wathi kimi: ‘Nkosi Jehova, zithengele isiqephu sezwe ngemali, uthathe ofakazi; ngoba umuzi wanikelwa esandleni samaKaledi.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 32:25
11 Referans Kwoze  

“Bheka, kwenziwe izindunduma zokuhlasela ukuze kudliwe umuzi; nalo muzi ubhekene nenkemba, nendlala nobhubhane, unikelwe esandleni samaKhaledi alwa nawo. Owakusho sekwenzekile, njengoba uzibonela nje.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Engikwenzayo manje awukwazi, kodwa uzakuqonda emva kwalokhu.”


Yena uphahlwe ngamafu nobumnyama, ukulunga nobulungiswa kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.


Indlela yakho yayisolwandle, imendo yakho isemanzini amaningi, kodwa amanyathelo akho awabonakalanga.


“UHanameli, indodana yomfowabo kababa, wafika kimi ngisegcekeni labalindi njengokusho kwezwi likaSimakade, wathi kimi: ‘Ake uthenge insimu yami ese-Anathothi kwaBhenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho, nokuhlenga kungokwakho; zithengele yona.’ “Ngase ngazi mina ukuthi leli lizwi livela kuSimakade.


Izwi likaSimakade lafika kuJeremiya, lithi:


Amasimu ayothengwa kulo leli lizwe esenithi ngalo liyincithakalo, alisahlalwa muntu nasilwane, nokuthi linikelwe esandleni samaKhaledi.


Ngiyakuthuma kubo inkemba, indlala, nobhubhane, baze baphele nya ezweni engalinika bona nokhokho babo.” ’ ”


Ngokuba uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, usho kanje, uthi: kuleli lizwe kuyakubuye kuthengwe izindlu, amasimu nezivini.’


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: nina aningilalelanga ukuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo nakumakhelwane wakhe. Bhekani, ngizakumemezela ukukhululeka kini, kusho uSimakade. Ngizokhulula inkemba, ubhubhane nendlala; nginenze nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite