Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 32:12 - IsiZulu 2020

12 ngakunika uBharukhi, indodana kaNeriya kaMahaseya, incwadi yokuthengiselana, phambi kukaHanameli indodana yomfowabo kababa, naphambi kofakazi ababelobe encwadini yokuthengiselana naphambi kwabo bonke abaJuda ababehlala egcekeni labalindi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 nganikela incwadi yokuthenga kuBaruki indodana kaNeriya kaMahaseya ngaphambi kukaHanameli indodana kababekazi naphambi kofakazi ababelobe incwadi yokuthenga naphambi kwabo bonke abaJuda ababehlala egcekeni letilongo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngamnika uBaruki indodana kaNeriya indodana kaMahaseya ubufakazi bokuthengisa phambi kwamehlo kaHanameli indodana kababekazi naphambi kofakazi ababesayine incwadi yokuthengisa phambi kwabo. Wonke amaJuda ayehlezi enkantolo yetilongo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 32:12
10 Referans Kwoze  

Izwi uJeremiya, umphrofethi, ayala ngalo uSeraya, indodana kaNeriya kaMakhaseya, ngesikhathi ehamba noZedekiya, inkosi yakwaJuda, beya eBhabhele, ngonyaka wesine wokubusa kwakhe. USeraya wayeyisikhulu sezindawo zokuphumula.


“Sengimnikile uBharukhi, indodana kaNeriya, incwadi yokuthenga, ngakhuleka kuSimakade, ngathi:


Inkosi yayala uJerameli, indodana yenkosi, uSeraya, indodana ka-Aziriyeli noShelemiya, indodana ka-Abhideyeli ukuba babambe uBharukhi, umbhali noJeremiya, umphrofethi, kodwa uSimakade wabafihla.


ngokuba siyazihlonipha izinto ezinhle, hhayi nje phambi kweNkosi, kepha nasemehlweni abantu imbala.


UJeremiya wayesethatha omunye umqulu, wawunika uBharukhi umbhali, indodana kaNeriya, waloba kuwo wonke amazwi encwadi akhulunywa nguJeremiya, wonke amazwi omqulu uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ayewushise emlilweni. Kwathasiselwa kuwo amanye amazwi amaningi anjengawakuqala.


“Ngamyala uBharukhi phambi kwabo, ngathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite