Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 32:10 - IsiZulu 2020

10 Ngaloba incwadi, ngayisicilela, ngenza ukuba kube nofakazi, ngamkalela isiliva ngesilinganiso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngaloba incwadi, ngayinamathelisa, ngazifakazisela, ngamlinganisela imali ngesilinganiso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngaloba ubufakazi, ngabunamathelisa, ngathatha ofakazi, ngamkala imali esikalini.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 32:10
23 Referans Kwoze  

Amasimu ayakuthengwa ngesiliva, kulotshwe encwadini, isicilelwe, kube nofakazi ezweni lakwaBhenjamini, nasemaphethelweni eJerusalema, emizini yakwaJuda, emizini ekwelezintaba, emizini esehlanzeni, nasemizini eseNegevu, ngokuba ngibabuyise ekuthunjweni,” kusho uSimakade.


ngakunika uBharukhi, indodana kaNeriya kaMahaseya, incwadi yokuthengiselana, phambi kukaHanameli indodana yomfowabo kababa, naphambi kofakazi ababelobe encwadini yokuthengiselana naphambi kwabo bonke abaJuda ababehlala egcekeni labalindi.


Wena Nkosi Simakade, noma umuzi unikelwe esandleni samaKhaledi, washo kimi, wathi: ‘Zithengele insimu ngesiliva, ube nofakazi.’ ”


Omunye uyakuthi: ‘NgingokaSimakade;’ omunye uyakuzibiza ngegama likaJakobe, omunye alobe esandleni sakhe, ngingokaSimakade, azibize ngegama lika-Israyeli.”


Isiphambeko besiyakuvalelwa esikhwameni, bese usibekela ukona kwami.


Lokho akugciniwe yini kimi, kwavalelwa ezinqolobaneni zami, na?


Satshelwa ukuba singalokothi sone utshani bomhlaba, noma yini eluhlaza, noma nje isihlahla esisodwa, kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo.


Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezanikwa amandla okuba ziwone umhlaba nolwandle,


Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube wusuku lokuhlengwa.


Kuye, nani senilizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu, nakholwa nguye futhi, nabekwa uphawu ngoMoya oNgcwele wesethembiso


nguye futhi owasibeka uphawu, nowasipha uMoya oyisibambiso ezinhliziyweni zethu.


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu lwakhe kuyo.”


Lowo owamukela ubufakazi bakhe, uyaqinisekisa ukuthi uNkulunkulu uqinisile.


“Imibono yakusihlwa neyasekuseni esilandiwe iqinisile, kepha gcina wena umbono, ngokuba ungowezinsuku eziningi.”


Hamba manje, ukulobe phambi kwabo esibhebheni, ukubhale encwadini ukuze kuthi ngesikhathi esizayo kube ngubufakazi baphakade.


Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho, nanjengophawu engalweni yakho. Ngokuba uthando lunamandla njengokufa, isikhwele sinonya njengendawo yabafileyo, amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi elinamandla.


Ngakho-ke amadoda ahamba, adabula ezweni, aloba encwadini achaza ngomumo walo imizi ngemizi, izabelo eziyisikhombisa; ayesebuyela kuJoshuwa enkanjini eShilo.


Base behamba, balilinda iliba; babeka uphawu etsheni bekanye nabalindi.


U-Abhrahama wavumelana no-Efroni, wayesembalela inani ayelibalulile phambi kwamaHithi, ngesisindo salo amashekeli ezinhlamvu zesiliva ezingama-400 ngokwezilinganiso ezazisetshenziswa ngabahwebi baleso sikhathi.


Insimu nomgede u-Abhrahama akunikwa ngamaHithi kwaguquka kwaba yindawo yakhe yokungcwaba.


UBhowazi wenyukela esangweni, wahlala khona; uyabona-ke, kwedlula umhlengi ayekade ekhulume ngaye, wayesethi kuye: “Ake uze ngapha, mnewethu, uhlale phansi.” Waya kuye, wahlala phansi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite