Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 32:1 - IsiZulu 2020

1 Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade ngonyaka weshumi wokubusa kukaZedekiya, inkosi yakwaJuda, okwakungunyaka we-18 wokubusa kukaNebukhadinezari.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova ngomnyaka weshumi kaSedekiya inkosi yakwaJuda, owawungumnyaka weshumi nesishiyagalombili kaNebukadinesari.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Izwi elafika kuJehova kuJeremiya ngomnyaka weshumi kaSedekiya, inkosi yakwaJuda, owawungumnyaka weshumi nesishiyagalombili kaNebukadinesari.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 32:1
9 Referans Kwoze  

Kwathi ngonyaka wesine wokubusa kukaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, okwakungunyaka wokuqala wokubusa kukaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, kwafika izwi kuJeremiya maqondana nabo bonke abantu bakwaJuda.


UZedekiya wayeneminyaka engama-21 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka eli-11 eJerusalema.


Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, ngesikhathi inkosi uZedekiya ithumele uPhashuri kaMalikhiya noZefaniya, indodana kaMahaseya, umphristi, ethi kuye:


Ekuqaleni kokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, leli lizwi lafika kuJeremiya livela kuSimakade, lithi:


Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, ngesikhathi uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, nempi yakhe yonke, nemibuso yonke yomhlaba engaphansi kwesandla sakhe, nezizwe zonke, zilwa neJerusalema nemizana yonke elizungezile, lathi:


ngonyaka we-18 wokubusa kukaNebukhadinezari, wathumba eJerusalema abantu abangama-832.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite