Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 30:8 - IsiZulu 2020

8 “ ‘Kuyakuthi ngalolo lusuku,’ kusho uSimakade Wamabandla, ‘ngephule ijoka entanyeni yabo, ngigqabule izibopho zabo, bangabe besabakhonza abafokazi,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “ ‘Kuyakuthi ngalolo suku,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngilaphule ijoka entanyeni yabo, ngigqabule izibopho zabo, abafokazi bangabe besabakhonzisa,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngokuba ngalolo suku, usho uJehova Sebawoti, ngiyakulaphula ijoka lakhe entanyeni yakho, ngigqabule izibopho zakho, abezizwe bangabe besamkhonza.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 30:8
16 Referans Kwoze  

Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi ukhiqize ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo; ziyakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengizaphulile izikeyi zejoka lazo, futhi ngazihlenga esandleni salabo ababezenze izikhonzi zabo.


Manje-ke sengizoliphula ijoka elikuwe, ngigqashule izibopho zakho.”


usho kanje uSimakade kimi, uthi: “Zenzele izintambo namajoka, ukubeke entanyeni yakho,


Ngokuba uyakunqamula ijoka lomthwalo wabo, nenduku esemahlombe abo, nentonga yocindezelayo, njengosuku mhla kunqotshwa abakwaMidiyani.


Umphrofethi uHananiya wayeselisusa ijoka entanyeni yomphrofethi uJeremiya, waliphoqoza.


“Hamba ukhulume kuHananiya, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: uwaphoqozile amajoka okhuni wenza amajoka ensimbi esikhundleni sawo.


Zonke izizwe ziyakumkhonza, yena nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sokuwa kwezwe lakhe, izizwe eziningi namakhosi amakhulu ayomenza isikhonzi sawo.


Ngokuba bayakugqilazwa nabo yizizwe eziningi nangamakhosi amakhulu, ngiyakuphindisela kubo ngokwezenzo zabo nangokwemisebenzi yezandla zabo.”


“Ngokuba kwasemandulo walephula ijoka lakho, wagqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyukukhonza.’ Ngokuba kuwo wonke amagquma aphakemeyo, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, walala njengesifebe.


ukuthi ngiyolicoboshisa i-Asiriya ezweni lami, ngiligxobe ezintabeni zami; lisuswe kubantu bani ijoka lalo nomthwalo walo osemahlombe abo.”


Kuyothi ngalolo lusuku umthwalo wabo uyakususwa emahlombe akho, nejoka labo entanyeni yakho, ijoka liyonqamuka ngenxa yokunona.


Ngiyakubuyisela futhi kule ndawo uJekhoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nabo bonke abathunjwa bakwaJuda abaya eBhabhele, ngokuba ngizolephula ijoka lenkosi yaseBhabhele,’ ” kusho uSimakade.


Wabakhipha ebumnyameni nasethunzini lokufa, wagqabula izibopho zabo.


Usuku luyakuba mnyama eThehafenehesi, lapho nginqamula khona amajoka aseGibhithe; nokuzikhukhumeza ngamandla alo kuyakuphela kulo. Liyakusitshekelwa yifu, kuthunjwe nabahlala emizaneni yalo.


USimakade uyoba nesihawu kuJakobe, abuye amkhethe u-Israyeli, amuphe ukuthula ezweni lakhe; nabafokazi bayozihlanganisa naye, banamathele endlini kaJakobe.


Kuyothi lapho uSimakade eseniphumuzile ebuhlungwini, enhluphekweni, nasemsebenzini onzima ababenenzisa wona,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite