Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 30:6 - IsiZulu 2020

6 Ake nibuze, nibone ukuthi indoda yake yabeletha na? Pho kungani ngibona wonke amadoda ebambelele okhalo njengowesifazane ebeletha, ubuso bonke buphaphathekile na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ake nibuze, nibone, uma owesilisa wake wabeletha na? Ngibonelani onke amadoda enezandla zawo ezinkalweni njengobelethayo, ubuso bonke buphaphathekile, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Manje niyabuza, nibone, uma umuntu ekhulelwa? Kungani ngibona wonke amadoda ebeke izandla zawo okhalweni njengobelethayo, nobuso bonke buphaphathekile?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 30:6
19 Referans Kwoze  

Alisenalutho, kukhala ibhungane, futhi liyincithakalo, inhliziyo iyancibilika, kushayana amadolo, izinhlungu zikhungethe lonke ukhalo, nobuso babo bonke buphaphathekile.


Phambi kwabo izizwe ziyathuthumela, ubuso bonke buphaphatheke.


Ngizwile izwi kungathi ngelowesifazene ohelelwayo, usizi lozibulayo, izwi lendodakazi uZiyoni ihefuzela, yelula izandla zayo, ithi: “Maye, kimi! Ngokuba umphefumulo wami udangele, phambi kwababulali bami.”


Ngalokho ukhalo lwami lugcwele izinhlungu; ngibanjwe yimihelo njengowesifazane obelethayo; ngikhonkobele ngengikuzwile, ngethukile ngengikubonile.


Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.


Imihelo yobelethayo iyakumfikela, uyindodana engahlakaniphile, ngokuba kuthi sekuyisikhathi sokuba azalwe angezi emnyango wesibeletho.


Wena ohlala eLebhanoni, osidleke sakho sisemisedarini, uyobubula kanjani lapho sewuhelelwa, usunemihelo njengowesifazane obelethayo na?


Siyizwile imibiko ngabo: izandla zethu zayetha; usizi lusikhungethe, lunjengemihelo yokubeletha.


akhungathwa yingebhe lapho nemihelo, njengokowesifazane otetayo.


Kwase kuhwaqabala ubuso bayo, imicabango yayo yayiyesabisa, kwaxega amanyonga okhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.


Inkosi yaseBhabhele izwile ngodumo lwabo, izandla zayo zaba buthakathaka; usizi luyibambile, nemihelo njengeyobelethayo.


IDamaseku lidikibele, laphenduka labaleka; ingebhe ilibambile, ukudabuka nobuhlungu kulikhungethe njengowesifazane obelethayo.


Ngakho-ke uSimakade owahlenga u-Abhrahama, uthi ngendlu kaJakobe: “UJakobe akasayukuba namahloni, nobuso bakhe abusayukuphaphatheka,


Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho labo okade ubafundisile ukuba babe ngabangani bakho, babe ngumholi na? Awuyukukhungathwa yini yimihelo njengowesifazane obelethayo na?


Imizi iyakudliwa, nezinqaba zithathwe. Ngalolo lusuku, izinhliziyo zamaqhawe akwaMowabi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane ohelelwayo.


Bheka, uyakukhuphuka ashwize njengokhozi, ehle, elulele amaphiko akhe phezu kweBhozira. Izinhliziyo zamaqhawe akwa-Edomi ziyakufana nenhliziyo yowesifazane ohelelwayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite