Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 30:3 - IsiZulu 2020

3 Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ kusho uSimakade, ‘lapho ngiyakuqeda ukuthunjwa kwabantu bami, u-Israyeli noJuda, bese ngibabuyisela ezweni engalinika okhokho babo ukuba balidle,’ ” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ usho uJehova, ‘lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami o-Israyeli noJuda,’ usho uJehova, ‘ngibabuyisele ezweni engalinika oyise ukuba balidle.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli noJuda,” usho uJehova; ngiyakubabuyisela ezweni engalinika oyise, balidle.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 30:3
45 Referans Kwoze  

Ngiyakufunyanwa yinina,” kusho uSimakade, “ngiyakukuqeda ukuthunjwa kwenu, nginiqoqe kuzo zonke izizwe nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona, nginibuyisele endaweni enganisusa kuyo nganiyisa ekuthunjweni,” kusho uSimakade.


kodwa sekuyothiwa: ‘Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owabakhuphula abakwa-Israyeli enyakatho nasemazweni wonke lapho ayebaxoshele khona;’ ngiyakubabuyisela ezweni lakubo, engalinika okhokho babo.


Niyokwazi ukuthi nginguSimakade, lapho nginingenisa ezweni lakwa-Israyeli, izwe engalifungela ukulinika okhokho benu.


“Usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Bheka, ngizokuqeda ukuthunjwa kwamathende kaJakobe, ngiwahawukele amakhaya akhe; umuzi uyokwakhiwa egqumeni lawo, isigodlo sihlale njengokufaneleyo.


Ngaleso sikhathi ngiyakunibuyisa, lapho nginiqoqa, ngokuba ngiyakunenza nibe negama nodumo kubo bonke abantu bomhlaba, mhla ngiguqula ukuthunjwa kwenu nizibonela ngawenu amehlo,” kusho uSimakade.


bengiyakubalahla abozalo lukaJakobe nabolukaDavide, inceku yami, ngingathathi ozalweni lwakhe ababusi bozalo luka-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe. Ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabo futhi ngibahawukele.’ ”


Amasimu ayakuthengwa ngesiliva, kulotshwe encwadini, isicilelwe, kube nofakazi ezweni lakwaBhenjamini, nasemaphethelweni eJerusalema, emizini yakwaJuda, emizini ekwelezintaba, emizini esehlanzeni, nasemizini eseNegevu, ngokuba ngibabuyise ekuthunjweni,” kusho uSimakade.


Kepha lapho ebasola, uthi kubo: “Niyabona, izinsuku ziyeza,” kusho iNkosi, “lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda,


“Impela ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi, lapho sengiguqula ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema,


“ ‘ “Ngiyakunithatha ezizweni, nginiqoqe emazweni wonke, nginiyise ezweni lakini.


Ukusindiswa kuka-Israyeli kuzovela eZiyoni, lapho uNkulunkulu ebusisa abantu bakhe; uJakobe ethabe, no-Israyeli athokoze.


“Kuyakufika izinsuku lapho kulokhu enikubonayo, kungayukushiywa itshe phezu kwelinye elingayukudilizelwa phansi.”


Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku lapho izitha zakho ziyakwakha ugange, zikuhaqe, zikuvimbezele macala wonke.


Wayesethi kubafundi: “Izinsuku ziyeza, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kodwa aniyukulubona.


Niyakwabelana lona ngokulinganayo, ngokuba ngasiphakamisa isandla sami, ngafunga ukuba ngilinike okhokho benu; leli lizwe liyakuba yifa lenu.


bheka, ngiyakubaqoqa emazweni wonke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo, ngokufutheka, nangolaka lwami olukhulu; ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile;


“Bheka, izinsuku ziyeza, lapho uSimakade eyakwakhelwa kabusha umuzi, kusukela embhoshongweni kaHananeli kuze kube sesangweni iGumbi, kusho uSimakade.


“Bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda,


“Bheka, izinsuku ziyeza, lapho indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda ngiyakuzihlwanyela ngembewu yabantu, nangembewu yezilwane,” kusho uSimakade.


“ ‘Ungesabi wena Jakobe, nceku yami,’ kusho uSimakade, ‘ungesabi, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usekude, nabozalo lwakho ezweni othunjwelwe kulo. UJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke angesatshiswa muntu,


‘Iyakuyiswa eBhabhele, ihlale lapho, kuze kufike usuku engiyoyibuyisa ngalo, bese ngiyikhuphula, ngiyibuyisele kule ndawo,’ kusho uSimakade.” “Bese ngiyibuyisa ngiyilethe kule ndawo.”


Kepha isizwe esiyakuyibeka intamo yaso phansi kwejoka lenkosi yaseBhabhele, siyikhonze; leso sizwe ngiyakusiyeka ezweni laso, sililime, sihlale kulo, kusho uSimakade.” ’ ”


“Bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakumvusela uDavide iHlumela elilungileyo; liyakubusa njengenkosi, libe nokuhlakanipha, lenze ubulungiswa nokulunga ezweni.


Abaningi babaphristi, abaLevi, izinhloko zemindeni nabantu abadala ababeyibonile indlu yokuqala, bakhala ngezwi elikhulu lapho bezibonela ngawabo kubekwa isisekelo saleyo ndlu; abaningi babememeza ngentokozo.


Ngenyanga yesibili, ngonyaka wesibili bebuyele endlini kaNkulunkulu eJerusalema, uZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa, indodana kaJozadakhi, nabo bonke abafowabo nabaphristi nabaLevi nabo bonke ababeseJerusalema bebuya ekuthunjweni, bawuqala umsebenzi. Baqoka abaLevi, ababeneminyaka engaphezu kwama-25 ukuba bengamele izisebenzi ezazisebenza endlini kaSimakade.


Ekuqaleni kwenyanga yesikhombisa, abantu bakwa-Israyeli sebesemizini, bahlangana bonke ngothi lwabo eJerusalema.


khona uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuguqula ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, uyakubuya, akuqoqe ezizweni zonke, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayekuhlakazele khona.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bayakubuye basho leli lizwi ezweni lakwaJuda nasemizini yalo, ngesikhathi ngibabuyisa ekuthunjweni kwabo, bathi: ‘USimakade makakubusise wena khaya lokulunga, ntaba yobungcwele.’


USimakade uNkulunkulu wakho uyakukubuyisela ezweni okhokho bakho abalidlayo, nawe uyakulidla. Uyokwenzela okuhle, akwandise ngaphezu kokhokho bakho.


Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuhamba nendlu yakwa-Israyeli, ziyakubuya kanyekanye ezweni enyakatho, ziye ezweni engalinika okhokho benu ukuba libe yifa labo.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Uma sekuphele iminyaka engama-70 niseBhabhele, ngiyakunikhumbula, ngilifeze kini izwi lami elihle, ngokunibuyisela kule ndawo.


Nanka amazwi uSimakade awakhuluma ngo-Israyeli nangoJuda.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Bamba izwi lakho, ungakhali, namehlo akho angabi nazinyembezi, ngokuba kuyakuba khona umvuzo ngomsebenzi wakho, babuye ezweni lesitha,” kusho uSimakade.


UJeremiya wawaloba emqulwini wonke amazwi enhlekelele yonke eyayizokwehlela iBhabhele; wonke lawo mazwi alotshwe mayelana neBhabhele.


Sikhulule, Simakade, ekuthunjweni kwethu, sibe njengemifula eningizimu.


Ngiyakuzikhipha ezizweni, ngiziqoqe emazweni, ngiziyise ezweni lazo, bese ngizelusela ezintabeni zakwa-Israyeli, nangasemifuleni, nasezindaweni zonke okuhlalwa kuzo ezweni.


Ugu luyakuba ngolwensali yabendlu yakwaJuda, yeluse kulo. Iyakulala ezindlini e-Ashikeloni kusihlwa, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wayo uyakuyihambela, aguqule ukuthunjwa kwayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite