Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 30:19 - IsiZulu 2020

19 Kuyophuma kubo ukubonga nezwi lokuthokoza. Ngiyakubenza bande bangabe besancipha; ngibenze bahlonipheke, bangabe besadelelwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kuyakuphuma kubo udumiso nezwi labathokozayo; ngiyakubenza babe baningi, bangabi ngabayingcosana, ngibadumise, bangeyiswa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Futhi kubo kuyophuma ukubonga nezwi labajabulayo; ngiyakubandisa, bangabi yingcosana; futhi ngizobakhazimulisa, futhi ngeke badelelwe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 30:19
39 Referans Kwoze  

Njengalokhu ibandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa abozalo lukaDavide, inceku yami, nabaLevi abangikhonzayo.’ ”


Abahlawulelweyo bakaSimakade bayobuya, bafike eZiyoni bejabula. Intokozo engapheliyo iyoba semakhanda abo phakade, bayothola injabulo nentokozo, kubaleke usizi nokububula.


Ingcosana iyakuba yinkulungwane, omncane abe yisizwe esinamandla; Mina nginguSimakade, ngiyokwenza sisheshe isikhathi sakho.”


Abahlengiweyo bakaSimakade bayakubuya baye eZiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.


“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Kuyakuthi lapho indlu yakwa-Israyeli inginxusa ukuba ngiyenzele lokhu: ngiyakuyandisela abantu bayo, babe ngangezimvu.


“Ngiyakubashayela ikhwelo, ngibaqoqe, ngokuba sengibahlengile. Bayakuba baningi njengakuqala.


Ngizobuye ngikwakhe kabusha, wakheke wena ntombi engu-Israyeli. Uyophinde uvunule ngenjabulo, uphume ngokusina kwabathokozileyo.


Ngalolo lusuku uSimakade uyakubavikela abakhileyo eJerusalema; okhubekayo kubo ngalolo lusuku uyakuba njengoDavide, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, ifane nengelosi kaSimakade phambi kwabo.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ukuzila kwenyanga yesine, okwesiyesihlanu, okweyesikhombisa, nokweyeshumi kuyakuba ngukujabula nokuthokoza nemikhosi emihle endlini yakwaJuda; thandani iqiniso nokuthula.’ ”


Ngiyakukwenza isivumelwano sokuthula nabo, sibe yisivumelwano saphakade; ngiyakubahlalisa bazinze, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.


Ngalolo lusuku uyothi: “Ngiyakubonga, Simakade, ngokuba ubungithukuthelele, kodwa intukuthelo yakho uyinqandile, wangiduduza.


Bonke abantu bahamba bayokudla, baphuza, bapha abantulayo ukudla, bajabula kakhulu, ngokuba babekuzwile abakutshelwayo.


Babuye bawugubha ngentokozo umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, ngokuba uSimakade wayebathokozisile, waguqula inhliziyo yenkosi yase-Asiriya, yabeseka ukwakha kabusha indlu kaNkulunkulu ka-Israyeli.


ukuze ubuqotho bokukholwa kwenu, okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube ngukubongwa, udumo, nokutuseka mhla kwembulwa uJesu Khristu,


Ilanga alisayukuba ngukukhanya kuwe emini, nenyanga ayisayukukukhanyisela ngokukhazimula ebusuku; uSimakade uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho.


Qhumukani, nikhamuluke kanyekanye ngokuthokoza, nina zindawo ezichithekileyo eJerusalema, ngokuba uSimakade ubaduduzile abantu bakhe, ulihlengile iJerusalema.


Yathi kuyo: “Gijima utshele leya nsizwa ukuthi iJerusalema alisayukubiyelwa ngogange, ngenxa yobuningi babantu nemfuyo okukulo.


“Bheka, izinsuku ziyeza, lapho indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda ngiyakuzihlwanyela ngembewu yabantu, nangembewu yezilwane,” kusho uSimakade.


Ngokuba uSimakade uyoliduduza iZiyoni, aziduduze zonke izindawo zalo ezichithiweyo; enze ihlane lalo libe njenge-Edene, nogwadule lwalo lube njengensimu kaSimakade; injabulo, nentokozo, ukubonga, nezwi lokuhlabelela kuyofunyanwa khona.


Ngesikhathi esizayo uJakobe uyogxila, u-Israyeli aqhakaze, akhahlele, athele izithelo, agcwalise umhlaba wonke.


Ukusindiswa kuka-Israyeli kuzovela eZiyoni, lapho uNkulunkulu ebusisa abantu bakhe; uJakobe ethabe, no-Israyeli athokoze.


Lonke ibandla lababekade bethunjiwe, lakha amadokodo, lahlala kuwo. Kwakungokokuqala kwenzeka kanje, kusukela ezinsukwini zikaJoshuwa, indodana kaNuni, kuze kube namuhla, abantu bakwa-Israyeli babengakaze benze kanjalo. Umkhosi bawugubha ngenjabulo enkulu.


Inkazimulo ongiphe yona, nabo ngibaphile, ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye.


Iziqhingi ziyakungilindela, imikhumbi yaseTharishishi iyoba ngeyokuqala ukuletha amadodana akho evela kude, ephethe isiliva negolide lawo, ekulethe egameni likaSimakade uNkulunkulu wakho, nakoNgcwele ka-Israyeli, okudumisile.


Bheka, uyobiza izizwe ongazazi, nezizwe ebezingakwazi zigijimele kuwe ngenxa kaSimakade uNkulunkulu wakho nangenxa yoNgcwele ka-Israyeli, ngokuba ukudumisile.”


Bayakufika bevela emizini yakwaJuda, nasemizaneni ezungeze iJerusalema, ezweni lakwaBhenjamini, emagqumeni nakwelezintaba naseNegevu, belethe iminikelo yokushiswa, imihlatshelo, iminikelo yokusanhlamvu, nenhlaka, bayofika naneminikelo yokubonga endlini kaSimakade.


Ngase ngiphrofetha njengoba ngiyaliwe; umoya wangena kuwo, aphila, ema ngezinyawo zawo, aba yimpi enkulu kakhulu impela.


Simakade, usandisile isizwe, sanda, wadunyiswa, wandisa yonke imingcele yezwe.


Kuyothi lapho nanda, futhi nichuma ezweni, ngalezo zinsuku,” kusho uSimakade, “abasayukusho ukuthi: ‘Umphongolo wesivumelwano sikaSimakade;’ awuyukungena enhliziyweni, abayukuwucabanga, abasayukuwukhumbula, abayukuba nesizungu sawo, awuseyukwenziwa omusha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite