Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 30:18 - IsiZulu 2020

18 “Usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Bheka, ngizokuqeda ukuthunjwa kwamathende kaJakobe, ngiwahawukele amakhaya akhe; umuzi uyokwakhiwa egqumeni lawo, isigodlo sihlale njengokufaneleyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Bheka, ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwamatende kaJakobe, ngiwahawukele amakhaya akhe; umuzi uyakwakhiwa enxiweni lawo, indlu yamakhosi ihlale njengokufaneleyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakubuyisa isiphetho samatende kaJakobe, ngihawukele izindlu zakhe; umuzi uyakwakhiwa phezu kwethemba lawo, nesigodlo sime endleleni yawo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 30:18
38 Referans Kwoze  

Uzovuka, uhawukele iZiyoni, ngokuba sekuyisikhathi somusa wakho kulo, isikhathi esinqunyiweyo sesifikile.


Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ kusho uSimakade, ‘lapho ngiyakuqeda ukuthunjwa kwabantu bami, u-Israyeli noJuda, bese ngibabuyisela ezweni engalinika okhokho babo ukuba balidle,’ ” kusho uSimakade.


Ngiyoguqula ukuthunjwa kukaJuda nokuka-Israyeli, ngibakhe njengakuqala.


“Kepha kuyakuthi ngezinsuku zokugcina ngikuguqule ukuthunjwa kwe-Elamu,” kusho uSimakade.


“Mina, ngiyakuyiqoqa insali yezimvu zami emazweni wonke, lapho ngangiyixoshele khona, ngiyibuyisele emadlelweni ayo; iyakuchuma, yande.


“Ngalokho usho kanje uSimakade, uthi: ‘Ngiyakubuyela eJerusalema ngesihawu, indlu yami iyakwakhiwa kulo, kudonswe intambo yokulinganisa phezu kweJerusalema,’ kusho uSimakade Wamabandla.


“Kepha ungesabi wena Jakobe, nceku yami; ungadangali, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usendaweni ekude; ngisho nabozalo lwakho ezweni abathunjelwe kulo. UJakobe uyakuba ongaphazanyiswa lutho, avikeleke, angasatshiswa muntu.


“Kepha emveni kwalokho ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabakwa-Amoni,” kusho uSimakade.


yiMina ofeza izwi lezinceku zakhe, enze konke okubikezelwa yizithunywa zakhe, akhulume ngeJerusalema, athi: ‘Liyohlalwa,’ nangemizi yakwaJuda, athi ngayo: ‘Izokwakhiwa,’ nencithakalo, athi ngayo: ‘Ngiyoyivusa.’


Ngizobuye ngikwakhe kabusha, wakheke wena ntombi engu-Israyeli. Uyophinde uvunule ngenjabulo, uphume ngokusina kwabathokozileyo.


umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, izwi lalabo abathi: “ ‘ “Bongani uSimakade Wamabandla, ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade.” “ ‘Kuyozwakala nezwi labaletha iminikelo yokubonga endlini kaSimakade, ngokuba izwe ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwalo, liphinde libe njengakuqala,’ kusho uSimakade.


unike uSolomoni, indodana yami, inhliziyo epheleleyo ukuba agcine imiyalo yakho, ubufakazi bakho, izimiso zakho, nokwenza konke lokhu, nokwakha ithempeli engililungisileyo.”


Ngiyakufunyanwa yinina,” kusho uSimakade, “ngiyakukuqeda ukuthunjwa kwenu, nginiqoqe kuzo zonke izizwe nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona, nginibuyisele endaweni enganisusa kuyo nganiyisa ekuthunjweni,” kusho uSimakade.


othi ngoKhoresi: ‘Ungumelusi wami, uyakufeza konke okwentando yami, athi ngeJerusalema: liyakwakhiwa, nakulo ithempeli: Isisekelo sakho siyakubekwa.’ ”


“Bheka, izinsuku ziyeza, lapho uSimakade eyakwakhelwa kabusha umuzi, kusukela embhoshongweni kaHananeli kuze kube sesangweni iGumbi, kusho uSimakade.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bayakubuye basho leli lizwi ezweni lakwaJuda nasemizini yalo, ngesikhathi ngibabuyisa ekuthunjweni kwabo, bathi: ‘USimakade makakubusise wena khaya lokulunga, ntaba yobungcwele.’


“Ngalolo lusuku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe njengembawula evuthayo phakathi kwezinkuni, babe njengesihlonti esivuthayo phakathi kwezithungu zokusanhlamvu ezisikiwe. Bayakuqothula kwesokunene nakwesokhohlo zonke izizwe ezizungeze nxazonke. IJerusalema liyakuba sendaweni yalo futhi eJerusalema.


Indlu yayo engcwele yayakha njengezintaba, nanjengomhlaba ewusekele kuze kube phakade.


IJerusalema lalingumuzi omkhulu, linendawo ebanzi, kodwa zaziyingcosana kakhulu izakhamuzi ezazihlala kulo; yayingeminingi imizi eyayakhiwe kabusha.


Simakade, ulibusisile izwe lakho, wamenzela inhlalakahle futhi uJakobe.


Izwe lonke liyakuphenduka lifane ne-Arabha kusukela eGebha kuya eRimoni ngaseningizimu yeJerusalema. IJerusalema liyakuphakama lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni LikaBhenjamini kuze kube seSangweni Lakuqala, kufinyelele eSangweni Legumbi; kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kube sesikhamweni sewayini lenkosi.


Isigodi sonke; lapho kugcwele khona izidumbu, nalapho kulahlwa khona umlotha, nawo wonke amasimu, kuze kube semfudlaneni iKidroni, kuze kufike egumbini leSango Lehhashi ngasempumalanga; kuyakuba ngcwele kuSimakade, kungabe kusasishulwa, noma kubhidlizwe, kuze kube phakade.”


Inkosi uDavide yathi kulo lonke ibandla: “USolomoni, indodana yami, nguye yedwa okhethwe nguNkulunkulu, usengumfana, akakaqini ukhakhayi, nomsebenzi mkhulu, ngokuba ithempeli alisilo elomuntu, kepha ngelikaSimakade uNkulunkulu.


UNkulunkulu uyaziwa ezigodlweni ukuthi uyinqaba.


Qaphelani izindonga zalo, nidabule ezigodlweni zalo, ukuze nilandise ngalo isizukulwane esisazozalwa,


Makube nokuthula phakathi kwezingange zakho, nempumelelo ezigodlweni.”


Ngokuba Mina ngiyawazi amacebo enginawo ngani,” kusho uSimakade, “amacebo okuba nibe nenhlalakahle, hhayi awokunilimaza, awokuninika ikusasa nethemba.


Ngokuba uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, usho kanje, uthi: kuleli lizwe kuyakubuye kuthengwe izindlu, amasimu nezivini.’


Ngiyakuwandisa umumo wabantu nezilwane, kwande, kuzalane. Ngiyakwenza ukuba kuhlalwe kini njengakuqala, nginenzele okuhle kunakuqala, niyakukwazi ukuthi nginguSimakade.


Ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, bakhe kabusha imizi ebiyincithakalo, bahlale kuyo; bayakutshala izivini, baphuze iwayini lazo, balime izivande, badle izithelo zazo.


Yayisiphendula ingelosi kaSimakade, yathi: “Simakade Wamabandla, kuyoze kube nini ungalihawukeli iJerusalema nemizi yakwaJuda oyithukuthelele le minyaka engama-70 na?”


“USimakade uyakuhlenga amathende akwaJuda kuqala, ukuze udumo lwendlu kaDavide nodumo lwabakhileyo eJerusalema lungabi lukhulu phezu kukaJuda.


Ngokuba izinceku zakho ziyathokoza ngamatshe alo, ziyadabuka ngothuli lwalo.


Amasimu ayakuthengwa ngesiliva, kulotshwe encwadini, isicilelwe, kube nofakazi ezweni lakwaBhenjamini, nasemaphethelweni eJerusalema, emizini yakwaJuda, emizini ekwelezintaba, emizini esehlanzeni, nasemizini eseNegevu, ngokuba ngibabuyise ekuthunjweni,” kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite