Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 30:16 - IsiZulu 2020

16 “ ‘Ngalokho bonke abakudlayo nabo bayakudliwa, zonke izitha zakho ngothi lwazo ziyakuthunjwa, nalabo abakuphangayo bayakuphangwa, nabo bonke abakuqhwagayo ngiyakubenza impango.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 “ ‘Ngalokho bonke abakudlayo bayakudliwa, nabo bonke abamelene nawe bayakuthunjwa bonkana, nabakuphangayo bayakuphangwa, nabo bonke abakwamukayo ngiyakubanikela ukuba bamukwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngakho bonke abakudlayo bayakuqedwa; zonke izitha zakho ziyakuya ekudingisweni, kube yileso naleso; okuphangayo uyakuba yimpango, nabo bonke abakuphangayo ngiyakubanikela kube yimpango.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 30:16
44 Referans Kwoze  

Thululela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo, naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda nya, balenza incithakalo ikhaya lakhe.


Maye, kuwe mbhubhisi ongakaze wena ubhujiswe, nakuwe mkhohlisi ongakaze yena akhohliswe! Uma nje sewuqedile ukubhubhisa, nawe uzobhujiswa; nalapho uyeke nje ukukhohlisa, nawe abantu bazokukhohlisa.


Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo wenza konke ekutshela khona, ngiyobazonda abakuzondayo, ngibe yisitha sezitha zakho.


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla ongithumile ukuyolanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaniphanga, ngokuba othinta nina usethinte inhlamvu yeso lakhe.


Uma uthathwa uyiswa ekuthunjweni, uyakuya ekuthunjweni; uma kukhona obulawa ngenkemba, uyakufa ngenkemba. Lokhu kungukubekezela nokukholwa kwabangcwele.


“Bheka, iJerusalema ngizolenza libe yindebe yokudakisa zonke izizwe nxazonke. ElakwaJuda nalo liyakubandakanyeka lapho kuvinjezelwa iJerusalema.


Ngiyakuthengisa amadodana namadodakazi enu ngesadla sabantu bakwaJuda, bayakuwathengisa kumaSabhiyani, isizwe esikude.” Impela usekhulumile uSimakade.


Izizwe ziyobathumba, zibayise endaweni yazo; indlu ka-Israyeli iyozidla lezo zizwe, zibe yifa layo, zibe yizinceku nezincekukazi ezweni likaSimakade; iyobathumba labo ababekade beyithumbile, ibuse phezu kwabacindezeli bayo.


Mabajabhiswe, babuyiselwe emuva bonke abazonda iZiyoni.


“Ngiyizwile inhlamba yabakwaMowabi, namazwi ayiziswana abakwa-Amoni abathuke ngawo abantu bami, bazandisele imingcele ezweni labo.


Uyakwaneliswa yihlazo kunokuhlonipheka, uphuze nawe, ubalwe njengongasokile, indebe yesandla sokunene sikaSimakade iyakuza kuwe, ihlazo libe phezu kodumo lwakho.


Kepha ngesikhukhula esiqongile uyakushabalalisa indawo yakhona, izitha zakhe azixoshele ebumnyameni.


Isitha sami siyakukubona, sikhungathwe ngamahloni, leso ebesithi kimi: “Uphi uSimakade uNkulunkulu wakho na? Amehlo ami ayakusibona, manje siyakunyathelwa njengodaka emigwaqweni.


Manje izizwe eziningi zihlangene ngawe, zithi: “Malingcoliswe, amehlo ethu mawaligqolozele iZiyoni.”


“ ‘ “Ngenxa yokuba unobutha obungapheliyo, futhi unikele abakwa-Israyeli ukuba badliwe yinkemba lapho behlelwa yisigemegeme, ngesikhathi bethola isijeziso sabo sokugcina,


Bonke abakhileyo eGibhithe bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade, ngokuba bebeludondolo lomhlanga lwendlu yakwa-Israyeli.


“Bangizwile ngibubula, kepha akekho ongiduduzile. Zonke izitha zami zizwile ngosizi lwami, zajabula ukuthi nguwe ongenze nje. Lwenze lufike lolo suku owamemezela ngalo, zenze nazo zifane nami.


U-Israyeli ungcwele kuSimakade, uwulibo lwezithelo zakhe; bonke abazidlayo bayothweswa icala, behlelwe ngokubi,’ ” kusho uSimakade.


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela; uyakumisa lonke ulimi olukuvukelayo ekwehlulelweni; lokhu kuyifa lezinceku zikaSimakade nokumelwa kwazo okuvela kimi,” kusho uSimakade.


Uma kukhona okuqalayo, kuyobe kungaveli kimi lokho; noma ngubani okuqalayo uyakuwa ngenxa yakho.


Ngiyakuhlanganisa zonke izizwe zilwe neJerusalema. Ziyakudla umuzi; ziphange izindlu, kudlwengule abesifazane, ingxenye yomuzi iyiswe ekuthunjweni, kodwa abantu abaseleyo abayukubulawa emzini.


Ingelosi eyayikhuluma nami yayisithi kimi: “Memezezela lokhu uthi: Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Nginesikhwele ngokwedlulele ngeJerusalema neZiyoni.


Ngumsindo wababalekayo nabaphunyuka eBhabhele, bamemezela eZiyoni impindiselo kaSimakade uNkulunkulu wethu, impindiselo ngethempeli lakhe!


“Kuyakuthi lapho iminyaka engama-70 isiphelile, ngiyijezise inkosi yaseBhabhele naleso sizwe, ngenxa yobubi babo, bese kuthi izwe lamaKhaledi, ngilenze libe yincithakalo yaphakade, kusho uSimakade.


Usho kanje uSimakade ngabo bonke omakhelwane bami abakhohlakele, abaqhwaga ifa engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, nendlu kaJuda ngiyisiphule phakathi kwabo.


Ukuthimula kwamahhashi akhe kuzwakele kwaDani; umsindo wokukhala kwamahhashi akhe anamandla kuthuthumelise lonke izwe, ngokuba asefikile, aliqothula izwe nakho konke okukulo, umuzi nabakhileyo kuwo.”


Ukhalelani ngenxeba lakho nangobuhlungu bakho obungenakwelashwa na? Lokhu ngikwenze ngenxa yobukhulu bokona kwakho, nobuningi bezono zakho.


USimakade uNkulunkulu wakho uyakubeka zonke lezi ziqalekiso phezu kwezitha zakho naphezu kwabakuzondayo nabakuhlukumezile.


Abantu bakwa-Israyeli babuya ekuxosheni amaFilisti, baphanga inkambu yawo.


ngokuba uSimakade uyayimela indaba yabo, kuthi ababephucayo Yena abephuce ukuphila kwabo.


“Bonke ububi bazo mabufinyelele ebusweni bakho, nakuzo yenza njengoba wenze kimi, ngenxa yazo zonke iziphambeko zami, ngokuba kukhulu ukububula kwami; idangele nenhliziyo yami.”


Ngizithukuthelele kakhulu izizwe ezinethezekileyo, ngokuba uma ngithukuthele kancane nje, zona ziyadlanga ngobubi.’


USimakade uyakudla uJuda abe yifa lakhe, nesabelo sakhe ezweni elingcwele, abuye alikhethe iJerusalema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite