Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 30:15 - IsiZulu 2020

15 Ukhalelani ngenxeba lakho nangobuhlungu bakho obungenakwelashwa na? Lokhu ngikwenze ngenxa yobukhulu bokona kwakho, nobuningi bezono zakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ukhalelani ngokulimala kwakho ukuthi ubuhlungu bakho abunakuphulukiswa na? Ngenxa yobuningi bokona kwakho nangokuba izono zakho zandile ngenze lokho kuwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ukhalelani ngosizi lwakho? usizi lwakho alunakwelashwa ngenxa yobuningi bobubi bakho; ngoba izono zenu zandile, ngenzile lezizinto kini.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 30:15
45 Referans Kwoze  

Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe, azisakufuni, ngokuba ngikushaye njengesitha, ngakuyala njengononya, ngenxa yobukhulu bokona kwakho, nangenxa yobuningi bezono zakho.


“Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Ukulimala kwakho akunakuphola, nesilonda sakho sibi.


Ngiyakubhekana nolaka lukaSimakade, ngokuba ngonile kuye, aze alumele udaba lwami, angenzele ubulungiswa, angikhiphele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.


Ngokuba izilonda zalo azelapheki, lokhu sekuze kwafika nakwaJuda, kwafinyelela nasesangweni labantu bami, eJerusalema.


Lokho kwenzeka ngenxa yezono zabaphrofethi, nobubi babaphristi bakhona, ababechitha igazi labalungile kulo.


Kungani ukuba umuntu akhononde ngempilo yakhe na? Makakhononde ngezono zakhe.


Abamelene nalo sebephenduke banjengamakhosi, izitha zalo zinokuthula. USimakade ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo. Izingane zalo sezihambile, zisekuthunjweni, ebusweni besitha.


“Khuphukela kwaGileyadi, ubuthe ibhalisamu, wena ntombi, ndodakazi yaseGibhithe, uyisebenzisela ize imithi eminingi, ngeke waphulukiswa.


Ngokuba ngiyakukuphilisa, ngelaphe izilonda zakho,’ kusho uSimakade, ‘ngokuba bakubize ngoxoshiweyo, neZiyoni akukho muntu olifunayo.’


Kungani ubuhlungu bami bungapheli, nenxeba lami lingelapheki na? Liyala ukuphola; impela kimi ufana nomfudlana okhohlisayo, nanjengamanzi angethembekile.


Ngokuba ngangobuningi bemizi yenu, bangako onkulunkulu bakho, Juda, nanjengomumo wemigwaqo eJerusalema, angako ama-althare eniwamisele le nto enengekayo, ama-althare enishisela kuwo uBhali impepho.’


“Kusukela ezinganeni kuya kwabadala bakhona, bonke bazuza inzuzo engafanele, nabaphrofethi nabaphristi baqamba amanga.


Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


Wamba, wakhipha amatshe kuso, watshala umvini omuhle, wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso, waqopha isikhamo kuso, walindela ukuba sithele izithelo zomvini, kodwa sathela izithelo zasendle.


Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,


Noma ngiqinisile kepha ngithathwa njengonamanga, inxeba lami alipholi, nakuba ngingenzanga siphambeko.’


“Emuva kokuba sezisehlele zonke lezo zinto ngenxa yezenzo zethu ezimbi, necala lethu elikhulu, kodwa Wena Nkulunkulu, awusijezisanga ngokufanele iziphambeko zethu, wabuye washiya insali efana nalena,


Babe yiziwula ngenxa yeziphambeko zabo nangenxa yobubi babo, bahlushwa.


“ ‘Ngalokho bonke abakudlayo nabo bayakudliwa, zonke izitha zakho ngothi lwazo ziyakuthunjwa, nalabo abakuphangayo bayakuphangwa, nabo bonke abakuqhwagayo ngiyakubenza impango.


Kusukela ematheni onyawo kuze kube sekhanda, akukho mpilo, kodwa ngamanxeba nezilonda zodwa, amanxeba ophayo awakhanyiwe ubovu, noma aboshwe, noma athanjiswe ngamafutha.


Ngingafakaza ngithini ngawe Jerusalema na? Ngingakuqhathanisa nani na? Ngingathini kuwe ukuze ngikududuze, ntombi eyindodakazi iZiyoni na? Ngokuba incithakalo yakho ibanzi njengolwandle; ngubani ongakwelapha na?


Akukho ukwelashwa kokuphuka kwakho; isilonda sakho sinzima; bonke abezwa umbiko ngawe bashaya ihlombe, ngokuba ngubani obungadlulelanga njalo phezu kwakhe ububi bakho na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite