Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 3:9 - IsiZulu 2020

9 Ngenxa yokuba wayengenamahloni ngokufeba kwakhe, walingcolisa izwe, ephinga namatshe nezihlahla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 nangokuzwakala kokufeba kwakhe langcoliswa izwe, waphinga nemithi namatshe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kwasekusithi ngobubi bobufebe balo, langcolisa ilizwe, laphinga lamatshe langezinduku.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 3:9
16 Referans Kwoze  

abathi emthini: ‘Ungubaba,’ nasetsheni, bathi: ‘Wena wangizala.’ Bangifulathele, abangibheki, kepha kuyothi ngesikhathi senhlekelele, bathi: ‘Vuka, usisindise.’


“Phakamisela amehlo akho emadulini angamaqwaqwasi, ubone, kukuphi lapho ongazinikelanga kwalalwa khona nawe na? Ubahlalele ngasezindleleni, ubufana nomArabhi ehlane, walingcolisa izwe ngobufebe nangobubi bakho.


Isabelo sakho siphakathi kwamatshe abushelelezi asesigodini; yiwona angawonkatho lwakho; nakuwo uthululele umnikelo wokuphuzwayo, wenza umnikelo wokusanhlamvu. Ngimelwe ukweneliswa yini ngalokho na?


Bonke bayiziphukuphuku neziwula. Ukuyala kwezithombe kufana nokhuni nje,


Nganingenisa ezweni elivundileyo ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo; kepha lapho seningenile, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.


Maye kothi okhunini: ‘Vuka!’ athi kulo itshe elithule: ‘Sukuma!’ Kungafundisa yini lokhu na? Bheka, kunanyekwe ngegolide nangesiliva, akukho kuphefumula kukho.


Abantu bami babuza ukhuni olubaziweyo, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngenxa yokufeba.


Bamambula ubunqunu bakhe, bathatha amadodana akhe namadodakazi akhe. Yena bambulala ngenkemba, waba yisaga kwabesifazane, futhi wehlulelwa.


Wathatha imvunulo yobuhle bakho, egolideni lami nasesiliveni lami engangikuphe khona, wazenzela izithombe zabesilisa, wafeba nazo.


Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga, umenza aphinge, noganwa ngolahliweyo, uyaphinga.


Ngizoqala ngokubashaya ngokuphindiwe ngenxa yobubi babo nezono zabo, ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto ezinengekayo, ifa lami baligcwalisile ngezinengiso zabo.”


Babefeba eGibhithe, bafeba kusukela ebusheni babo; amabele abo awotwawotwa khona, zapotozwa lapho izingono zobuntombi babo.


Wakulangazelela ukukhanuka kobusha bakho useseGibhithe, lapho izingono zakho zamabele obusha bakho zazipotozwa khona.


“Phikisanani nonyoko, nimmangalele, ngokuba akayena umkami, nami angiyona indoda yakhe. Makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe, nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,


“Sondelani nina madodana abahlola imihlola, nina nzalo yesiphingi neyesifebe.


Ngikhala kuwe Simakade, ngokuba amadlelo asendle angqongqiswe ngumlilo, nelangabi lizishise zonke izihlahla zasendle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite