Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 3:8 - IsiZulu 2020

8 Ubonile ukuthi ngakho konke ukungethembeki kwakhe u-Israyeli, ohlubukayo angenqenanga ukumnika incwadi yesehlukaniso, nokho udadewabo uJuda akesabanga, naye uhambile wayofeba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngabona ukuthi noma ngangimlahlile u-Israyeli ohlehlayo ngalesi sizathu sokuthi uphingile, ngamnika incwadi yesahlukaniso, udadewabo okhohlisayo, uJuda, akesabanga nokho, kepha waya wafeba naye,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngabona, lapho mina, ngenxa yazo zonke izihlubuki u-Israyeli aphinge ngazo, ngamlahla, ngamnika incwadi yesahlukaniso; kepha udadewabo okhohlisayo uJuda akesabanga, kepha wahamba wafeba naye.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 3:8
20 Referans Kwoze  

“Lapho umuntu ethatha umfazi, amgane, kodwa angabe esamthokozisa ngoba ethole kuye okuthile okwenyanyekayo, uyombhalela incwadi yesehlukaniso, amnike yona esandleni sakhe, bese emkhipha endlini yakhe.


Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bayakuhlala izinsuku eziningi bengenankosi, benganasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Iphi incwadi yesehlukaniso engimlahle ngayo? Ngumuphi konyoko engimxoshile, ngubani enginesikweletu naye, engithengise ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngenxa yobubi benu, nangeziphambeko zenu; unyoko walahlwa.


“Ngalokho-ke ngamnikela esandleni sezithandwa zakhe, esandleni sabase-Asiriya abakhanukelayo.


Awuhambanga njengezindlela zabo, awenzanga njengezinengiso zabo, kodwa ngesikhashana nje esincane, wena wonakala ukwedlula bona, ezindleleni zakho zonke.


“Uma indoda ilahla umkayo, noma yena ahambe ayogana enye indoda, ingabe isabuyela yini kuye na? Lelo lizwe liyobe lingangcoliswanga kakhulu na? Kepha wena ofebe nezithandwa eziningi uyakubuyela kimi,” kusho uSimakade.


Uma indoda yesibili ingasamthandi, iyombhalela incwadi yesehlukaniso, imnike yona esandleni, bese imkhipha endlini yayo, noma le ndoda yesibili ebimthathile waba ngumkayo ingafa,


Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


“Awuzwanga yini laba bantu bekhuluma, bethi: ‘Imindeni yomibili uSimakade ayikhethayo uyilahlile na?’ Base bebadelela abantu bami, kwaze kwangathi abasesizwe phambi kwabo.


Udadewenu omdala kwakuyiSamariya, amadodakazi akhe, akhe ngasenyakatho yakho. Udadewenu omncane kunawe, wayehlala ngaseningizimu kwakho, uyiSodoma namadodakazi alo.


ISamariya, izono elizenzileyo azisiyo ngisho ingxenye yezono zakho; wena wandise kakhulu izinengiso zakho kunabo, odadewenu ubenze babukeka belungile kunawe ngenxa yalezi zinengiso ozenzileyo.


UJehoramu wabuye wenza izindawo eziphakemeyo ezintabeni zakwaJuda, waholela ukuba abakhileyo eJerusalema baphinge, wayenga uJuda.


“Kepha ngingakuthethelela kanjani na? Abantwana bakho bangishiyile, bafunga okungesibo onkulunkulu. Ngabondla basutha, kodwa baphinga, babuthana endlini yesifebe.


Balala naye njengalokhu amadoda elala nesifebe; balala kanjalo-ke no-Ohola no-Oholiba, abesifazane abakhanukayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite