Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 3:4 - IsiZulu 2020

4 Awungibizile yini khona manje, uthi kimi: ‘Baba, Wena ungumngani wobusha bami,’ na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Awusand' ukukhala kimi ukuthi: ‘Baba, wena ungumngane wobusha bami, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kawuyikungibiza yini kusukela khathesi, uthi: Baba, ungumkhokheli wobutsha bami?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 3:4
16 Referans Kwoze  

“ ‘Usho kanje uSimakade, ngiyakukhumbula umusa wobusha bakho, uthando lwakho njengomakoti, nokuthi wangilandela kanjani ehlane, ezweni okungatshalwanga lutho kulo.


“Mina bengicabanga ukuthi: “ ‘Ngizakukubeka kanjani phakathi kwabantu, ngikuphe izwe elinxanelekayo, ifa elihle kakhulu ezizweni!’ Ngathi niyakungibiza nithi: ‘Baba,’ ningaguquki ekungilandeleni.


Kulapho-ke ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi i-Akhori sibe ngumnyango wethemba. Uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe, nanjengosuku lokukhuphuka kwakhe eGibhithe.


Bayakuza bekhala, bekhuleka; lapho ngibabuyisa, ngiyakubaholela emifuleni yamanzi, ngendlela eqondileyo abangayukukhubeka kuyo, ngokuba nginguyise ka-Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami.


oshiya isithandwa sobusha bakhe, akhohlwe yisivumelwano noNkulunkulu wakhe.


Nkulunkulu, wangifundisa kwasebusheni bami, namanje ngisamemezela ngemisebenzi yakho emangalisayo.


Bese nibuza nithi: ‘Ngani na?’ Ngoba uSimakade ubengufakazi phakathi kwakho nonkosikazi wobusha bakho, wena ongethembekanga kuye, obewumngani wakho nonkosikazi wesivumelwano sakho.


abathi emthini: ‘Ungubaba,’ nasetsheni, bathi: ‘Wena wangizala.’ Bangifulathele, abangibheki, kepha kuyothi ngesikhathi senhlekelele, bathi: ‘Vuka, usisindise.’


Zibanika ubuhlakani abangenakuqonda, ulwazi nokuqaphela kwabasha,


Omusha angayigcina kanjani indlela yakhe ihlanzekile na? Ngokugcina okwezwi lakho.


Ngokuba Wena, Nkosi Simakade, uyithemba lami; ngethembele kuwe kwasebusheni bami.


ukuthi impela lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu waphakade naphakade. Uzosihola kuze kube sekufeni.


“Indodana ihlonipha uyise, nenceku inkosi yayo. Uma nginguyihlo, pho kuphi ukuhlonishwa kwami? Uma ngiyinkosi, pho kuphi ukwesatshwa kwami?” kinina baphristi enidelela igama lami, kubuza uSimakade Wamabandla. Kodwa nithi: “Silidelele kanjani igama lakho na?”


Kuyoze kube nini uguquguquka, we ndodakazi ehlubukayo na? Ngokuba uSimakade udale into entsha emhlabeni: owesifazane uyakuyihaqa indoda .”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite