Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 3:16 - IsiZulu 2020

16 Kuyothi lapho nanda, futhi nichuma ezweni, ngalezo zinsuku,” kusho uSimakade, “abasayukusho ukuthi: ‘Umphongolo wesivumelwano sikaSimakade;’ awuyukungena enhliziyweni, abayukuwucabanga, abasayukuwukhumbula, abayukuba nesizungu sawo, awuseyukwenziwa omusha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kuyakuthi lapho nanda, nichume ezweni, ngalezo zinsuku,” usho uJehova, “bangasayikusho ukuthi: ‘Umphongolo wesivumelwano sikaJehova;’ awuyikungena enhliziyweni, abayikuwukhumbula; abayikuwuswela, akusayikwenziwa omusha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Uma nanda, nande ezweni ngalezo zinsuku,” usho uJehova, “bangabe besasho ukuthi: ‘Umphongolo wesivumelwano sikaJehova; futhi akuyikungena emiqondweni yabo; khumbula lokho; futhi bangase bangayivakashi; futhi kayisayikwenziwa.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 3:16
24 Referans Kwoze  

Ngiyakukwenza isivumelwano sokuthula nabo, sibe yisivumelwano saphakade; ngiyakubahlalisa bazinze, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.


“Ngokuba bheka, ngiyakudala izulu elisha nomhlaba omusha; izinto zakuqala aziyukukhunjulwa, azinakuvuka enhliziyweni.


Ningacabangi ukuthi nizakuthi phakathi kwenu: ‘Sinobaba u-Abhrahama,’ ngokuba ngithi kini: uNkulunkulu angamvusela abantwana u-Abhrahama kulawa matshe.


Bheka, ngiyakubabuyisa enyakatho, ngibaqoqe emikhawulweni yomhlaba; phakathi kwabo kukhona izimpumputhe, izinyonga, abakhulelwe, nabatetayo, bonke bayakubuya kanyekanye, beyibandla elikhulu.


Kuyophuma kubo ukubonga nezwi lokuthokoza. Ngiyakubenza bande bangabe besancipha; ngibenze bahlonipheke, bangabe besadelelwa.


Bayokwakha kabusha izincithakalo ezindala, bavuse izindawo ezazidiliziwe, balungise imizi ebhujisiweyo, izindawo esezibe yincithakalo izizukulwane ngezizukulwane.


Ingcosana iyakuba yinkulungwane, omncane abe yisizwe esinamandla; Mina nginguSimakade, ngiyokwenza sisheshe isikhathi sakho.”


uJosiya wazala uJekhoniya nabafowabo ngesikhathi abakwa-Israyeli bethunjelwa eBhabhiloni.


Ngalolo lusuku awuyukuba namahloni ngazo zonke izenzo zakho owahlubuka ngazo kimi, ngokuba ngiyakususa kuwe abajabulela ukuzigqaja kwabo; awusayukuphinde uzikhukhumeze futhi entabeni yami engcwele.


“Ngokuba bheka, ngiyakukhipha umyalo, nginyakazise indlu yakwa-Israyeli phakwathi kwezizwe zonke, njengokunyakaziswa kwesihlungo kuhlungwa, kodwa kungabi bikho okusanhlamvu okuwela emhlabathini.


“Bheka, izinsuku ziyeza, lapho indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda ngiyakuzihlwanyela ngembewu yabantu, nangembewu yezilwane,” kusho uSimakade.


Ningethembeli emazwini angamampunge, uma kuthiwa: leli yithempeli likaSimakade, yithempeli likaSimakade, yithempeli likaSimakade.”


Ngaleso sikhathi, abantu bayobiza iJerusalema ngokuthi liyisihlalo sobukhosi sikaSimakade. Izizwe zonke ziyobuthelwa kulo, kulo igama likaSimakade eJerusalema. Azisayukuhamba ngokwenkani yenhliziyo yazo embi.


Uma ngesikhathi lusaphelele belungenamsebenzi walutho, kungenziwani ngalo lapho seludliwe ngumlilo, lwasha na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite