Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 3:13 - IsiZulu 2020

13 Kuphela, yazi ububi bakho ukuthi uhlubukile kuSimakade uNkulunkulu wakho, izindlela zakho wazihlakazela kwabezizwe, phansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Yazi kuphela ububi bakho ukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho, wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizwe phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Vuma kuphela ububi bakho, ukuthi weqe kuJehova uNkulunkulu wakho, wahlakaza izindlela zakho kwabafokazi phansi kwayo yonke imithi eluhlaza, anililalelanga izwi lami, usho uJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 3:13
22 Referans Kwoze  

Masilale phansi sinamahloni, ihlazo lethu lisisibekele, ngokuba sonile kuSimakade uNkulunkulu wethu, thina nokhokho bethu, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu.”


USimakade wathi kimi, ngesikhathi sokubusa kukaJosiya inkosi: “Uboneni na? U-Israyeli akahlubukanga yini na? Ukhuphukele kuzo zonke izintaba eziphakeme, nangaphansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza, wafeba khona.


Nqanda unyawo lwakho lungabi olungenasicathulo, nomphimbo wakho ukuba ungomi; kepha wena wathi: ‘Kuyize; qha, ngiyabathanda onkulunkulu babezizwe, ngizobalandela.’


niyobhubhisa nishaye icole zonke izindawo lapho izizwe eniyakuziphuca izwe zazikhonza khona onkulunkulu bazo, ezintabeni eziphakemeyo, emagqumeni, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.


“Phakamisela amehlo akho emadulini angamaqwaqwasi, ubone, kukuphi lapho ongazinikelanga kwalalwa khona nawe na? Ubahlalele ngasezindleleni, ubufana nomArabhi ehlane, walingcolisa izwe ngobufebe nangobubi bakho.


“Ngokuba kwasemandulo walephula ijoka lakho, wagqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyukukhonza.’ Ngokuba kuwo wonke amagquma aphakemeyo, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, walala njengesifebe.


“ ‘ “Kepha wethembela ebuhleni bakho, waba yisifebe ngenxa yodumo lwakho, wabuthululela bonke ubufebe bakho kwabadlulayo, baba ngobabo.


Simakade, siyabazi ububi bethu nokona kokhokho bethu, ngokuba sonile kuwe.


Ofihla iziphambeko zakhe akayukuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.


Abozalo luka-Israyeli bazehlukanisa kubo bonke abezizwe, bama, bavuma izono zabo nobubi obenziwa ngokhokho babo.


nina enisha yizinkanuko phakathi kwemi-okhi, phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; enibulala abantwana ezigodini, phansi kwemifantu yamadwala na?


Usho kanje uSimakade kulaba bantu, uthi: “Njengoba bethandile ukuzulazula, bangazinqanda izinyawo zabo; uSimakade akabemukelanga. Manje uyakukhumbula isiphambeko sabo, abajezisele izono zabo.”


Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami, bayoze balivume icala labo, bafune ubuso bami; kuyakuthi lapho sebesosizini bangifunisise.”


Kepha abalalelanga, abayibekanga indlebe yabo kwengikushoyo, kodwa bahamba ngokobulukhuni benhliziyo yabo embi; bahlubuka, bahlehlela emuva, abaze baqhubekela phambili.


Nokho abazange bangilalele, abayibekanga indlebe yabo kimi, kodwa bazenza lukhuni izintamo zabo; benza okubi ukwedlula okhokho babo.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite