Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 3:11 - IsiZulu 2020

11 USimakade wayesethi kimi: “U-Israyeli ohlubukayo uzibonakalise elungile kimi kunoJuda okhohlisayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Wayesethi uJehova kimi: “U-Israyeli ohlehlayo ubonakele elungile kunoJuda okhohlisayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UJehova wathi kimi: “U-Israyeli ohlubukayo wazibonakalisa elungile kunoJuda ongathembekile.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 3:11
9 Referans Kwoze  

“Udadewabo u-Oholiba wakubona lokho, kodwa wonakala ngokwedlulele kunaye ekukhanukeni kwakhe, nasebufebeni bakhe obabedlula obukadadewabo.


Abantu bami baphikelele ukuhlubuka kimi, noma bangambiza kangakanani oPhezukonke, ngeke abaphakamise.


Ngokuba u-Israyeli unenkani njengesithole esinenkani; pho uSimakade angabelusa kanjani njengewundlu lemvu emadlelweni abanzi na?


Awuhambanga njengezindlela zabo, awenzanga njengezinengiso zabo, kodwa ngesikhashana nje esincane, wena wonakala ukwedlula bona, ezindleleni zakho zonke.


“Buyani nina bantwana enihlubukayo; ngizoniphulukisa ekuhlubukeni kwenu.” “Bheka, sesilapha, siza kuwe, ngokuba unguSimakade uNkulunkulu wethu.


Ubonile ukuthi ngakho konke ukungethembeki kwakhe u-Israyeli, ohlubukayo angenqenanga ukumnika incwadi yesehlukaniso, nokho udadewabo uJuda akesabanga, naye uhambile wayofeba.


Ngangicabanga ukuthi emva kokwenza zonke lezo zinto, uzobuyela kimi, kodwa akabuyanga. Nodadewabo uJuda okhohlisayo, ukubonile lokho.


Babuyele eziphambukweni zokhokho babo bokuqala, abala ukulalela amazwi ami, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze. Indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zasephula isivumelwano sami engasenza nokhokho babo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite