Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 3:1 - IsiZulu 2020

1 “Uma indoda ilahla umkayo, noma yena ahambe ayogana enye indoda, ingabe isabuyela yini kuye na? Lelo lizwe liyobe lingangcoliswanga kakhulu na? Kepha wena ofebe nezithandwa eziningi uyakubuyela kimi,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Kuthiwa uma indoda ilahla umkayo, abesemuka abe ngowenye indoda, isayakubuyela kuye na? Lelo zwe belingayikungcoliswa kakhulu na? Kepha wena ofebile nezithandwa eziningi ubuyela kimi,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Bathi: “Uma indoda ilahla umkayo, bese emlahla, abe ngowenye indoda, ingabe isabuyela kuye na? ngeke yini lowo mhlaba ungcoliswe kakhulu? kepha wena ufebile nezithandwa eziningi; buyelani kimi,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 3:1
34 Referans Kwoze  

Wafeba nabaseGibhithe, omakhelwane bakho, abagcwele inkanuko enkulu, wandisa ubufebe bakho ukuba ungichukuluze, ukuze ngithukuthele.


“Uma uphenduka, Israyeli,” kusho uSimakade, “uyakubuyela kimi; uma ususa phambi kwami izinengiso zakho, awuyukuntengantenga.


“Ngokuba kwasemandulo walephula ijoka lakho, wagqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyukukhonza.’ Ngokuba kuwo wonke amagquma aphakemeyo, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, walala njengesifebe.


Kepha wena batshele, uthi: Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Buyelani kimi,’ kusho uSimakade Wamabandla, ‘nami ngizobuyela kini,’ kusho uSimakade Wamabandla.


Lapho uSimakade eqala ukukhuluma ngoHoziya, wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bokuphingwa, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uSimakade.”


“Batshele, uthi kubo: ‘Ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, angithokoziswa ngukufa komubi, kodwa ngithokoza uma isoni siphenduka endleleni yaso, siphile. Phendukani, nishiye izindlela zenu ezimbi, nina ndlu yakwa-Israyeli niyakufelani na?’


Jerusalema, hlanza ububi obusenhliziyweni yakho, ukuze usindiswe. Kuyoze kube nini imicabango yakho emibi ihleli ezibilini zakho na?


Ngenxa yokuba wayengenamahloni ngokufeba kwakhe, walingcolisa izwe, ephinga namatshe nezihlahla.


“Ungakusho kanjani ukuthi: ‘Angingcolile, angibalandelanga oBhali,’ na? Bheka ukuziphatha kwakho esigodini, ubone ukuthi wenzeni: uyikamela lensikazi elinejubane, elizulazula ezindleleni zalo,


Kepha isancinza safeba, samshiya, sabuyela endlini kayise eBhethlehema kwaJuda, sahlala lapho izinyanga ezine.


Sukumani nihambe, ngokuba lena akusiyona indawo yokuphumula, ngoba ingcolile, iyakuqotha imbokodo nesisekelo kabi.


“Buyani nina bantwana enihlubukayo; ngizoniphulukisa ekuhlubukeni kwenu.” “Bheka, sesilapha, siza kuwe, ngokuba unguSimakade uNkulunkulu wethu.


Nganingenisa ezweni elivundileyo ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo; kepha lapho seningenile, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.


Umhlaba ungcolisiwe ngabakhileyo kuwo, ngokuba bayeqile imithetho, baphambuka ezimisweni, basephula isivumelwano saphakade.


bayoyikhiphela ngasemnyango wendlu kayise intombi, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenze ihlazo kwa-Israyeli, yafeba, yahlaza indlu kayise. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


“Kwathiwa: ‘Yilowo nalowo olahla umkakhe makamnike incwadi yesehlukaniso.’


Bachitha igazi elingenacala, igazi lamadodana abo namadodakazi abo, abawahlabela izithombe zaseKhanani; izwe langcoliswa yigazi.


“Khuphukela eLebhanoni, ukhihle isililo; phakamisa izwi lakho eBhashani, ukhale use-Abharimi, ngokuba zonke izithandwa zakho zibulewe.


Ebusuku ukhala kalusizi, kugeleza izinyembezi ezihlathini; akasekho omduduzayo, phakathi kwezithandwa zakhe. Bonke abangani bakhe abebemkhohlisa, sebephenduke izitha zakhe.


“Phikisanani nonyoko, nimmangalele, ngokuba akayena umkami, nami angiyona indoda yakhe. Makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe, nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,


Kuyoze kube nini uguquguquka, we ndodakazi ehlubukayo na? Ngokuba uSimakade udale into entsha emhlabeni: owesifazane uyakuyihaqa indoda .”


“ ‘ “Maye, ubuthakathaka benhliziyo yakho, ngokuba wenza konke lokhu okwenziwe yisifebe esingakwazi ukuzithiba!” kusho iNkosi uSimakade.


“ ‘ “Ngakho-ke sifebe ndini, yizwa izwi likaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite