Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 29:7 - IsiZulu 2020

7 Funani inhlalakahle yomuzi lapho nithunjelwe khona, niwukhulekele kuSimakade, ngokuba inhlalakahle yawo kuyoba yinhlalakahle yenu.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Funani ukuthula komuzi lapho nginithumbele khona, niwukhulekele kuJehova, ngokuba ekuthuleni kwawo niyakuba nokuthula.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Nifune ukuthula komuzi enganiyisa kuwo njengabathunjwa, niwuthandazele kuJehova; ngoba ekuthuleni kwalo lizakuba lokuthula.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 29:7
12 Referans Kwoze  

ukuze banikele iminikelo emthokozisayo uNkulunkulu wasezulwini, bakhulekele ukuphila kwenkosi namadodana ayo.


Ngalokho, nkosi, masamukeleke kuwe iseluleko sami, ushiye izono zakho ngokwenza okulungileyo, uhlukane nobubi bakho ngokuba nomusa kwabampofu; mhlawumbe impumelelo yakho ingaqhubekela phambili.”


Konke okuyalwe nguNkulunkulu wasezulwini makwenziwe ngesineke, kwenzelwa indlu kaNkulunkulu wasezulwini, funa intukuthelo kaNkulunkulu yehlele inkosi namadodana ayo.


Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso. Ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu. Lawa akhona amiswe nguNkulunkulu.


Khona lapho uDaniyeli, ogama lakhe nguBhelitheshazari, wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathi: “Bhelitheshazari, iphupho nencazelo makungakwesabisi.” UBhelitheshazari waphendula, wathi: “Nkosi, iphupho malibe ngelabakuzondayo, nencazelo yalo ibe ngeyezitha zakho.


Ngakho-ke kudingekile ukuwuthobela, hhayi nje ngenxa yolaka, kodwa nangenxa kanembeza.


Khulekelani ukuthula kweJerusalema: “Abakuthandayo mabaphumelele.


Izikhulu zathi enkosini: “Lo muntu makabulawe, ngoba uthena amabutho asasele kulo muzi nabantu bonke amandla, ngokukhuluma kubo lawa mazwi anje, ngokuba lo muntu akafuni inhlalakahle yalaba bantu, kodwa okubi kuphela.”


“Ngakho-ke yisho, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Nakuba ngibayise kude ezizweni, ngabahlakazela emazweni, nokho ngibe yindawo engcwele kubo okwesikhashana, lapho emazweni abaye kuwo.” ’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite