Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 29:12 - IsiZulu 2020

12 Niyakungibiza, nize nikhuleke kimi, ngiyakunizwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Khona niyakungibiza, nihambe, nikhuleke kimi, ngiyakunilalela;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 29:12
20 Referans Kwoze  

‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Usuthisa ukufisa kwabamesabeyo, uyakuzwa ukukhala kwabo, abasindise.


Simakade, uyakuzwa ukukhala kokulangazelela kwabahluphekileyo. Ubanikeza ithemba, bese ukulalela ukukhala kwabo becela usizo;


Kuyakuthi bengakangibizi, ngibaphendule; besakhuluma, ngiyokuzwa.


Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”


Bayakuza bekhala, bekhuleka; lapho ngibabuyisa, ngiyakubaholela emifuleni yamanzi, ngendlela eqondileyo abangayukukhubeka kuyo, ngokuba nginguyise ka-Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami.


Wena sizwe esakhe eZiyoni, nina zakhamuzi zaseJerusalema, ningabe nisakhala; impela uyokwenzela umusa, lapho ezwa ukukhala kwakho, uyokuphendula.


“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Kuyakuthi lapho indlu yakwa-Israyeli inginxusa ukuba ngiyenzele lokhu: ngiyakuyandisela abantu bayo, babe ngangezimvu.


“Uma bephendukela kuwe ngayo yonke inhliziyo yabo, nangawo wonke umphefumulo wabo besezweni abathunjelwe kulo, bakhuleke kuwe bebheke ngasezweni lakubo owalinika okhokho babo, nomuzi owukhethileyo, nendlu engiyakhele igama lakho,


Wakhuleka kuye, wamncenga; wakuzwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela futhi eJerusalema embusweni wakhe. UManase wayesazi ukuthi uSimakade nguye onguNkulunkulu.


Uyakukhuleka kuye, akuzwe, wena ufeze izithembiso zakho.


Simakade, bakufunile besosizini, bazethula kuwe ngemikhuleko lapho ubasola.


“Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” kusho uSimakade, “abakwa-Israyeli, nabakwaJuda bayakuza behamba kanyekanye, bayakuhamba bekhala, befuna uSimakade uNkulunkulu wabo.


Nina eniphunyuke enkembeni, hambani, ningami; khumbulani uSimakade nikwelikude izwe, nicabange ngeJerusalema.


Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite