Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 28:6 - IsiZulu 2020

6 yebo, umphrofethi uJeremiya, wathi: “Amen, makenze kanjalo uSimakade, awafakazele amazwi akho owaphrofethile, ngokubuyisela izitsha zendlu kaSimakade, nabo bonke abathunjelwa eBhabhele, kule ndawo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 yebo, umprofethi uJeremiya wathi: “Amen, makenze njalo uJehova, awaqinise amazwi akho owaprofethayo, kubuyiswe izitsha zendlu kaJehova nabo bonke abathunjwa eBabele, kulethwe kule ndawo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Umprofethi uJeremiya wathi: “Amen, uJehova uyakwenza lokhu: uJehova uyakugcwalisa amazwi akho owaprofethayo ukubuyisela izitsha zendlu kaJehova nakho konke okwathunjwa eBhabhiloni kuyiswe kule ndawo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 28:6
22 Referans Kwoze  

Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Amen, Amen.


UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayiphendula inkosi, wathi: “Makube njalo; uSimakade uNkulunkulu wenkosi yami, inkosi, makasho njalo naye.


ukuba ngifeze isifungo engasifunga kokhokho benu, sokubanika izwe elichichima ubisi noju,” njengoba kwenzeka namuhla.’ ” Ngase ngiphendula ngithi: “Amen, Simakade.”


Amalunga angama-24 ayesethi mbo ngobuso, kanye nezidalwa ezine, akhuleka kuNkulunkulu ohleli esihlalweni sobukhosi, athi: “Amen! Haleluya!”


Nezidalwa ezine, zathi: “Amen,” namalunga awa phansi athi mbo, akhuleka.


“Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikheya loba, ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekileyo noqinisileyo, ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi:


nophilayo. Ngangifile; manje ngiyaphila kuze kube phakade naphakade, futhi ngiphethe izihluthulelo zokufa nezeHayidesi.


Nakuba izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kakhulu, kuYena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zingu-Amen; kudunyiswe uNkulunkulu ngathi.


Uma ngingenzi kanjalo lowo ongazi lutho uyosho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho na? Lokhu akazi ukuthi uthini.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


Ingakapheli iminyaka emibili, ngiyakuzibuyisela kule ndawo zonke izitsha zendlu kaSimakade ezathathwa kule ndawo nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, waziyisa eBhabhele.


Okuhle kuyaphindiselwa yini ngokubi na? Nokho bangimbele umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakho; ngakhuluma okuhle ngabo, nokunqanda ulaka lwakho kubo.


Kepha angiyekanga ukuba ngumelusi okusebenzelayo, futhi angilufisanga usuku olwesabekayo; Wena uyakwazi engakushoyo, ngiphambi kobuso bakho.


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Abantu bonke mabathi: “Amen.” Haleluya!


Makabongwe uSimakade, kuze kube phakade. Amen, Amen.


Malibongwe igama lakhe elikhazimulayo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Bonke abantu bathi: “Amen,” bamdumisa uSimakade.


lawa manzi aletha isiqalekiso, ayongena ezibilini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho;” owesifazane uyakuthi: “Amen! Amen!”


“Thatha izipho kubathunjwa, kuHelidayi, kuThobiya, nakuJedaya, uhambe ngalo lolo lusuku, uye endlini kaJosiya indodana kaZefaniya, kulapho befikele khona bevela eBhabhele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite