Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 27:6 - IsiZulu 2020

6 Manje nginikela wonke lawa mazwe esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami, futhi ngimnika nezilwane zasendle ukuba zimkhonze.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Manje senginikele onke lawa mazwe esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, inceku yami; futhi ngiyakumnika izilwane zasendle ukuba zimkhonze.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Manje senginikele wonke lawa mazwe esandleni sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami; nezilwane zasendle ngamnika ukuba zimkhonze.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 27:6
19 Referans Kwoze  

Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ngizobeka ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe, ukuba zimkhonze uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, yebo, ziyakumkhonza, futhi ngimnikile nezilwane zasendle.’ ”


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.


bese uthi kubo: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: bheka, ngiyakuthumela uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami, ngibeke isihlalo sakhe sobukhosi phezu kwalawa matshe engiwembele lapha, uyakwendlala ithende lakhe lobukhosi phezu kwawo.


othi ngoKhoresi: ‘Ungumelusi wami, uyakufeza konke okwentando yami, athi ngeJerusalema: liyakwakhiwa, nakulo ithempeli: Isisekelo sakho siyakubekwa.’ ”


USimakade wangikhombisa; bheka, amaqoma amabili ayenamakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaSimakade, emveni kokuba uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ayesethumbe oJekhoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezingcweti nabacangcathi bensimbi, ebathumbe eJerusalema, wabayisa eBhabhele.


Emveni kwalokho,” kusho uSimakade, “ngiyakunikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, izinceku zakhe nabantu, kulo muzi, abayosinda obhubhaneni, enkembeni, endlaleni, esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, esandleni sezitha zabo, esandleni sabafuna ukuphila kwabo; uyakubabhubhisa ngenkemba, angabi naluzwelo, nasihe futhi angabi namusa kubo.” ’


ngikunikele esandleni sabafuna ukuphila kwakho, nasesandleni salabo obesabayo; esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, nasesandleni samaKhaledi.


“Bhembulukani nibaleke, nizulazule kude, nicashe emigedeni, nina zakhamuzi zaseHazori, kusho uSimakade; ngokuba uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, wenze icebo ngani; unakhele uzungu, waceba icebo,” kusho uSimakade.


Ngiyakwenza iGibhithe libe yincithakalo emazweni asenziwe incithakalo, kuthi imizi yalo esemizini esiyincithakalo, nayo ibe yincithakalo iminyaka engama-40. AbaseGibhithe ngiyakubahlakazela ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.


Amaqabunga aso ayemahle, nezithelo zaso ziziningi, kukhona kuso ukudla kwabo bonke. Izilwane zasendle zazinomthunzi phansi kwaso, izinyoni zezulu zihlala emagatsheni aso, nabantu bonke babondliwa yiso.


nguwe nkosi okhulile waqina, ngokuba ubukhulu bakho bukhulile, bufinyelele ezulwini, nokubusa kwakho kuze kube sekugcineni komhlaba.


Wakhuluma kahle naye, wabeka isihlalo sakhe saba phezu kwezihlalo zamakhosi ayenaye eBhabhele.


“Usho kanje uKhoresi, inkosi yasePheresiya, uthi: ‘USimakade uNkulunkulu wezulu unginike yonke imibuso yomhlaba, ungiqokile ukuba ngimakhele indlu eJerusalema elikwaJuda. Noma ngubani ophakathi kwenu wabantu bakhe, uSimakade uNkulunkulu makabe naye, akhuphuke.’ ”


Ngiyakuziqinisa izingalo zenkosi yaseBhabhele, ngibeke inkemba yami esandleni sayo, kepha ngiyakuzephula izingalo zikaFaro, abubule phambi kwayo njengokububula komuntu olinyaziweyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite