Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 27:22 - IsiZulu 2020

22 ‘Iyakuyiswa eBhabhele, ihlale lapho, kuze kufike usuku engiyoyibuyisa ngalo, bese ngiyikhuphula, ngiyibuyisele kule ndawo,’ kusho uSimakade.” “Bese ngiyibuyisa ngiyilethe kule ndawo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 ‘Ziyakuyiswa eBabele, zibe khona, kuze kufike usuku lokuzihambela kwami,’ usho uJehova. ‘Bese ngizikhuphula, ngizibuyisele kule ndawo.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ziyakuthunjelwa eBabele, zibe khona kuze kube lusuku engizihambela ngalo,” usho uJehova; ngiyakubakhuphula, ngibabuyisele kule ndawo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 27:22
24 Referans Kwoze  

Usho kanje uSimakade, uthi: “Uma sekuphele iminyaka engama-70 niseBhabhele, ngiyakunikhumbula, ngilifeze kini izwi lami elihle, ngokunibuyisela kule ndawo.


Inkosi yaseBhabhele iyomyisa eBhabhele, uZedekiya, ahlale lapho ngize ngimjezise, kusho uSimakade; noma nilwa namaKhaledi, aniyukuphumelela.’ ”


Izitsha ozinikiwe ukuba zisetshenziselwe inkonzo yendlu kaNkulunkulu wakho, uyakuzibuyisela kuNkulunkulu wakho eJerusalema.


Sezizonke izitsha uSheshibhazari nabanye abathunjwa ababephuma eBhabhele beya eJerusalema abazithatha, zaziyi-5 400 zegolide, nesiliva, nezinye izinto.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.


ngonyaka wokuqala wokubusa kwakhe, mina Daniyeli ngabona emqulwini inani leminyaka izwi likaSimakade elafika ngayo kuJeremiya umphrofethi ukuba kupheleliswe ukubhujiswa kweJerusalema, okuyiminyaka engama-70.


kepha uziphakamisile wamelana neNkosi yasezulwini. Balethe kuwe izitsha zendlu yakhe; wena, nezinduna zakho, nomkakho, nezancinza zakho naphuza iwayini ngazo. Wena ubadumisile onkulunkulu besiliva, abegolide, abethusi, abensimbi, abomuthi, nabetshe, abangaboni, abangezwa, abangazi, kodwa awumdumisanga uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho.


Uyakufa ngokuthula; ushiselwe amakha njengalokhu ashiselwa amakhosi okuqala akwendulelayo. Bayokushisela amakha, bakulilele, bathi: “Maye nkosi!” Ngokuba Mina uqobo ngilikhulumile leli lizwi, kusho uSimakade.’ ”


Baphuma eBhabhele ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala, kwathi ngosuku lokuqala lwenyanga yesihlanu, bafika eJerusalema, ngokuba isandla somusa sikaNkulunkulu wakhe sasinaye,


ukuba ligcwaliseke izwi likaSimakade ngomlomo kaJeremiya, ukuze izwe laneliseke ngamasabatha alo. Ngazo zonke izikhathi, liyakuba yincithakalo liphumule kuze kuphele iminyaka engama-70.


Izinsika zethusi ezazisendlini kaSimakade, izinqe zolwandle lwethusi okwakusendlini kaSimakade, akuhlephula amaKhaledi, alithwala ithusi aya nalo eBhabhele.


Futhi ngiyakunikela yonke ingcebo yalo muzi, yonke impahla yawo, nazo zonke izinto zawo eziyigugu, yebo, yonke ingcebo yamakhosi akwaJuda ngiyoyinikela esandleni sezitha zabo, ziyiphange, ziyithathe, ziyiyise eBhabhele.


Zonke izizwe ziyakumkhonza, yena nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sokuwa kwezwe lakhe, izizwe eziningi namakhosi amakhulu ayomenza isikhonzi sawo.


yebo, usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli ngempahla eyayisele endlini kaSimakade, nasesigodlweni senkosi yakwaJuda, naseJerusalema, uthi:


“Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: hamba uye kuZedekiya, inkosi yakwaJuda, uyothi kuye: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: bheka, ngizakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBhabhele, eyakuwungqongqisa ngomlilo.


Wena awuyukuphunyuka esandleni sayo; uyakubanjwa nokubanjwa, unikelwe esandleni sayo; niyakubonana ubuso nobuso nenkosi yaseBhabhele, nikhulume umlomo nomlomo; uyakuya eBhabhele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite