Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 27:20 - IsiZulu 2020

20 angazithathanga uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ngesikhathi ethumba uJekhoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, eJerusalema, emyisa eBhabhele, nezikhulu zonke zakwaJuda naseJerusalema,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 angazithathanga uNebukadinesari inkosi yaseBabele ekuthumbeni kwakhe uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, eJerusalema, wamyisa eBabele nabakhulu bonke bakwaJuda nabaseJerusalema;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 angawuthathanga uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, ekuthumbeni kwakhe uJekoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, eJerusalema, emyisa eBabele, nazo zonke izikhulu zakwaJuda naseJerusalema;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 27:20
14 Referans Kwoze  

USimakade wangikhombisa; bheka, amaqoma amabili ayenamakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaSimakade, emveni kokuba uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ayesethumbe oJekhoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezingcweti nabacangcathi bensimbi, ebathumbe eJerusalema, wabayisa eBhabhele.


Kwathi ekuqaleni konyaka inkosi uNebukhadinezari yathumela ukuba kulethwe inkosi eBhabhele, nezitsha ezinhle zendlu kaSimakade. Yabe isibeka uZedekiya, umfowabo, ukuba abe yinkosi kwaJuda naseJerusalema.


Le ndoda, uKhoniya, iyibhodwe elidelelwayo, noma isitsha esingafunwa muntu. Kungani ukuba yena nozalo lwakhe belahliwe, balahlelwa ezweni abangalaziyo na?


Zonke izitsha zendlu kaNkulunkulu, ezinkulu nezincane, ingcebo yendlu kaSimakade nengcebo yenkosi neyezikhulu zayo, konke yakuyisa eBhabhele.


uJosiya wazala uJekhoniya nabafowabo ngesikhathi abakwa-Israyeli bethunjelwa eBhabhiloni.


Kwathi sebethunjelwe eBhabhiloni; uJekhoniya wazala uSalithiyeli, uSalithiyeli wazala uZerubhabhele;


Zinjalo-ke izizukulwane zonke kusukela ku-Abhrahama kuya kuDavide; ziyizizukulwane ezili-14; ezisukela kuDavide kuze kube yisikhathi sokuthunjelwa eBhabhiloni, ziyizizukulwane ezili-14; nezisukela esikhathini sokuthunjelwa eBhabhiloni kuze kube yisikhathi sikaKhristu, ziyizizukulwane ezili-14.


Inkosi uJehoyakini wakwaJuda wazinikela enkosini yaseBhabhele, yena, unina, izinceku zakhe, izikhulu zakhe nezikhulu esigodlweni sakhe. Inkosi yaseBhabhele yamthatha ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe.


Bayolibiza ngokuthi: umbuso ongelutho, abantu nezikhulu zalo bayakuba yinto engelutho.


yebo, usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli ngempahla eyayisele endlini kaSimakade, nasesigodlweni senkosi yakwaJuda, naseJerusalema, uthi:


Lokhu kwenzeka emveni kokuba inkosi uJekhoniya, indlovukazi emzalayo, izikhulu zasesigodlweni, izikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, izingcweti nabakhandi, sebesukile eJerusalema,


Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade ezinsukwini zikaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lathi:


INkosi uNkulunkulu yanikela esandleni sakhe uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nengxenye yezitsha zasendlini kaNkulunkulu, waziyisa eShineyari endlini kankulunkulu wakhe; izitsha wazibeka endlini yengcebo kankulunkulu wakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite