Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 27:13 - IsiZulu 2020

13 Uyakufelani wena nabantu bakho ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, njengalokho uSimakade akukhulumile maqondana nesizwe esingayukuyikhonza inkosi yaseBhabhele na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Niyakufelani wena nabantu bakho ngenkemba, nangendlala, nangesifo, njengalokho uJehova ekhulumile ngesizwe esingayikuyikhonza inkosi yaseBabele, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Niyakufelani, wena nabantu bakho, ngenkemba, nangendlala, nangesifo, njengalokho uJehova ekhulumile ngesizwe inkosi yaseBabele engayikusikhonza na?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 27:13
11 Referans Kwoze  

Lahlani zonke iziphambeko zenu eniphambuke ngazo, nizenzele inhliziyo entsha nomoya omusha; uyakufelani wena ndlu ka-Israyeli na?


Kuyakuthi isizwe nombuso okungayukumkhonza uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, okungayibekanga intamo yakho phansi kwejoka lakhe, leso sizwe ngiyosijezisa ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane, ngisiqede ngesandla sakhe, kusho uSimakade.


Kodwa lowo owehluleka ukungifumana, uzigwaza ngowakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”


“Batshele, uthi kubo: ‘Ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, angithokoziswa ngukufa komubi, kodwa ngithokoza uma isoni siphenduka endleleni yaso, siphile. Phendukani, nishiye izindlela zenu ezimbi, nina ndlu yakwa-Israyeli niyakufelani na?’


“Kepha-ke uma olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, enze nazo zonke izinengiso ezenziwa yizikhohlakali, ngabe uyakuphila yini na? Impela zonke izenzo zakhe ezilungileyo azenzileyo akukho nesisodwa esiyakukhunjulwa, uyakufela eziphambekweni azenzileyo nasezonweni one ngazo.


“Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Kakhulu kangakanani, lapho sengithumela eJerusalema izehlulelo zami ezine ezimbi: inkemba, indlala, izilwane zasendle nobhubhane, ukuba kubhubhise izilwane nabantu okukulo!


Kepha uJeremiya, wathi: “Abayukukunikela. Ake ulilalele izwi likaSimakade engilikhuluma kuwe, ukuze kube kuhle kuwe, usindise umphefumulo wakho.


“Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Osele kulo muzi uyakufa ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane, kodwa ozophuma aye kumaKhaledi, uyakuphila; nokuphila kwakhe kuyakuba yimpango kuye, aphile.’


Ngiyakubenza babe yisinengiso nesikhubekiso emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, inhlekisa nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.


Niyakulilahla nina uqobo ifa lenu enganinika lona; ngiyonenza nikhonze izitha zenu ezweni eningalaziyo, ngokuba niphembe umlilo wolaka lwami oyakuvutha kuze kube phakade.”


“Bonke abafazi bakho nezingane zakho bayobayisa kumaKhaledi. Wena awuyukuphunyuka esandleni sabo, kodwa isandla senkosi yaseBhabhele siyakukubamba, nalo muzi ushiswe ngomlilo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite