Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 26:4 - IsiZulu 2020

4 Uyakuthi kubo: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: uma ningangilaleli, nihambe emthethweni wami engiwumise phambi kwenu,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Uyakuthi kubo: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uma ningangilaleli ukuba nihambe emthethweni wami engiwubeke phambi kobuso benu,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Uthi kubo: Usho kanje uJehova; Uma ningangilaleli ukuba nihambe emthethweni wami engiwubeka phambi kwenu,

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 26:4
22 Referans Kwoze  

“Kepha uma nina nabantwana benu ningihlamuka, ningayigcini imiyalo yami nezimiso zami engikumise phambi kwenu, nisuke nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,


Abazithobanga kuze kube namuhla, abesabanga, abahambanga ngomthetho wami nangezimiso zami, engikubeke phambi kwenu naphambi kokhokho benu.


Kodwa uma nenqaba, futhi nihlubuka, niyodliwa yinkemba,” ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.


ukuze ngezinto ezimbili ezingenakuguquleka, okungelula ukuba uNkulunkulu angaqamba amanga ngazo: thina esigijimile ukuyobamba ithemba esilimiselweyo, sifumane ukugqugquzeleka okukhulu.


Ngokuba lapho sengibangenisile ezweni engafunga kokhokho babo, izwe elichichima ubisi noju, bayodla, basuthe, bakhuluphale, bese bephendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangedelele, basephule isivumelwano sami.


Niyakuqikelela ukugcina zonke izimiso nezehlulelo engizibeka phambi kwenu namuhla.”


Yiwo lo umthetho uMose awubeka phambi kwabantu bakwa-Israyeli,


Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezehlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na?


Kepha uma ningangilaleli nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo nxa ningena emasangweni eJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyophemba umlilo emasangweni alo, oyongqongqisa izinqaba zeJerusalema, futhi ongenakucinywa.” ’ ”


Kepha uma ningawalaleli lawa mazwi, ngizifunga Mina uqobo,” kusho uSimakade, “ukuthi le ndlu iyophenduka incithakalo.” ’ ”


Bangena balidla, kodwa kabalilalenga izwi lakho, abahambanga ngemithetho yakho, konke owawubayale ngakho ukuba bakwenze abakwenzanga; wabe-ke usuwehlisela kubo yonke inhlekelele.


Konke lokhu kungenxa yokuba nashisa impepho ngaleyo ndlela, nona kuSimakade, anililalelanga izwi lakhe, anihambanga ngomthetho wakhe, ngezimiso zakhe, nangezexwayiso zakhe, ngakho-ke le nhlekelele inehlele kuze kube yinamuhla.”


Ngizokwenza kule ndlu ebizwa ngeGama lami nenithembela kuyo, nakule ndawo enganinika yona, nina nokhokho benu, njengalokhu ngenza eShilo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite