Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 26:24 - IsiZulu 2020

24 Kepha isandla sika-Ahikamu, indodana kaShafani, sasinoJeremiya ukuba anganikelwa esandleni sabantu, ukuze bambulale.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Kepha isandla sika-Ahikamu, indodana kaShafani, sasinoJeremiya ukuba bangamnikeli esandleni sabantu ukumbulala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Kodwa isandla sika-Ahikamu, indodana kaShafani, sasinoJeremiya, ukuze bangamnikeli esandleni sabantu ukuba bambulale.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 26:24
21 Referans Kwoze  

ukuba uJeremiya akhishwe egcekeni labalindi. Bamedlulisela kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, ukuba amyise ekhaya; wayesehlala phakathi kwabantu.


ngokuba kwathi lapho uJezebheli ebulala abaphrofethi bakaSimakade, u-Obhadiya wabathatha abaphrofethi abayikhulu, wabafihla ngama-50 emgedeni ngamunye, wabondla ngesinkwa nangamanzi.


Umhlaba wamsiza owesifazane, wavula umlomo wawo, wawugwinya umfula owawukhwifwa wudrago ngomlomo wakhe.


kodwa induna yekhulu ithanda ukusindisa uPawula yawavimba enhlosweni yawo. Yayaleza ukuba labo abakwaziyo ukuhlamba baziphonse kuqala emanzini, baze bafike emhlabathini.


Kuthe sekusuke esinamathambo, induna yenkulungwane yesaba ukuthi uPawula bangahle bamenzakalise, yayisiyala amabutho ukuba ehle, amsuse phakathi kwabo, amyise enkanjini.


Inkosi yayala uHilikiya, u-Ahikamu indodana kaShafani, u-Abhidoni indodana kaMikha, uShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, yathi:


UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, wabeka uGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, ukuba abe ngumbusi phezu kwensali yakwaJuda ayeyishiyile ezweni.


ngesandla sika-Elasa, indodana kaShafani noGemariya, indodana kaHilikiya, uZedekiya, inkosi yakwaJuda, abathuma eBhabhele kuNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ethi:


UBharukhi wayesefunda encwadini amazwi kaJeremiya, endlini kaSimakade, ekamelweni likaGemariya, indodana kaShafani umbhali, elalisegcekeni elingenhla ngasekungeneni kwesango elisha lendlu kaSimakade, wafunda bonke abantu belalele.


UMikhaya, indodana kaGemariya kaShafani wezwa wonke amazwi kaSimakade ayekule ncwadi,


wayesehlela esigodlweni senkosi, ekamelweni lombhali; bheka, kwakuhleli khona zonke izikhulu: u-Elishamu umbhali, uDelaya indodana kaShemaya, u-Elinathani indodana ka-Akhibhori, uGemariya indodana kaShafani, uZedekiya indodana kaHananiya, nazo zonke izikhulu.


Izikhulu zathi kuBharukhi: “Hamba uyocasha, wena noJeremiya, ungatsheli muntu ukuthi nikuphi.”


Inkosi yayala uJerameli, indodana yenkosi, uSeraya, indodana ka-Aziriyeli noShelemiya, indodana ka-Abhideyeli ukuba babambe uBharukhi, umbhali noJeremiya, umphrofethi, kodwa uSimakade wabafihla.


Lapho kwakumi abantu abangama-70, abangamalunga endlu yakwa-Israyeli; phakathi kwabo kunoJahazaniya, indodana kaShafani. Yilowo nalowo muntu wayephethe ngesandla isitsha sakhe sempepho, nephunga lefu lempepho lenyukela phezulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite