Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 26:21 - IsiZulu 2020

21 Inkosi uJehoyakimi, nawo wonke amaqhawe ayo, nazo zonke izikhulu bawezwa amazwi akhe; inkosi yafuna ukumbulala, kepha u-Uriya wezwa, wesaba, wabaleka, waya eGibhithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Inkosi uJehoyakimi, nawo onke amaqhawe ayo, nazo zonke izikhulu bezwa amazwi akhe; inkosi yafuna ukumbulala; kepha u-Uriya wakuzwa, wesaba, wabaleka, waya eGibithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Lapho inkosi uJehoyakimi nawo onke amaqhawe ayo nazo zonke izikhulu zezwa amazwi ayo, inkosi yazama ukumbulala; kepha u-Uriya esezwile wesaba, wabaleka, waya eGibithe;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 26:21
15 Referans Kwoze  

Nxa benizingela komunye umuzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: niyakuthi ningakayihambi yonke imizi yakwa-Israyeli, bese ifika iNdodana yomuntu.


Kwathi nakuba ayefuna ukumbulala, kodwa wesaba abantu ngokuba babethi ungumphrofethi.


Inkosi yayala uJerameli, indodana yenkosi, uSeraya, indodana ka-Aziriyeli noShelemiya, indodana ka-Abhideyeli ukuba babambe uBharukhi, umbhali noJeremiya, umphrofethi, kodwa uSimakade wabafihla.


U-Asa wamthukuthelela umboni, wayesemfaka ejele, ngokuba wathukuthela ngenxa yale nto umboni ayemtshele yona. U-Asa wabacindezela abanye abantu ngaleso sikhathi.


Ngakho-ke uHerodiya wambambela igqubu, wafuna ukumbulala, kodwa akabanga nawo amandla.


Ofumana ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami, uyakukufumana.


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa umphefumulo nomzimba esihogweni.


Ukwesaba abantu ngukuzibekela ugibe, kepha owethemba uSimakade uyalondeka.


Umphefumulo wami usesandleni sami njalo, nokho umthetho wakho angiwukhohlwa.


Bamenzela ugobe, bamkhanda ngamatshe, beyalelwa yinkosi, egcekeni lendlu kaSimakade.


Lapho izikhulu zakwaJuda zizwa lezi zinto, zakhuphuka zisuka esigodlweni senkosi, zaya endlini kaSimakade, zahlala ngasekungeneni kwesango lendlu kaSimakade elisha.


Izikhulu zathi enkosini: “Lo muntu makabulawe, ngoba uthena amabutho asasele kulo muzi nabantu bonke amandla, ngokukhuluma kubo lawa mazwi anje, ngokuba lo muntu akafuni inhlalakahle yalaba bantu, kodwa okubi kuphela.”


Ngifunga phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, akukho sizwe nambuso lapho inkosi yami ingathumelanga khona ukuba ufunwe, nanxa bethi awukho lapho, yayithi umbuso nesizwe abafunge ukuthi abakufumananga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite