Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 26:2 - IsiZulu 2020

2 “Usho kanje uSimakade, uthi: yima egcekeni lendlu kaSimakade, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda eza izokhuleka endlini kaSimakade, wonke amazwi engikuyale ukuba uwakhulume kubo, ungagodli nalinye izwi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Usho kanje uJehova, uthi: Yima egcekeni lendlu kaJehova, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda efika ukukhuleka endlini kaJehova onke amazwi engikuyala ukuwakhuluma kubo, ungagodli zwi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Usho kanje uJehova; Yima egcekeni lendlu kaJehova, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda eza ukukhuleka endlini kaJehova wonke amazwi engikuyala ukuba uwakhulume kubo; ayinciphisi igama:

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 26:2
32 Referans Kwoze  

Aniyukuthasisela ezwini enginiyala ngalo, futhi aniyukunciphisa lutho kulo, kodwa gcinani imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.


Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


UJeremiya wayesebuya eThofethi lapho uSimakade ayemthume khona ukuba ayophrofetha; wema egcekeni lendlu kaSimakade, wathi kubantu bonke:


“Ngalokho-ke wena, bopha ukhalo lwakho, usuke uyokhuluma kubo konke engiyakukuyala ngakho. Ungapheli amandla ngenxa yabo, funa ngikuqede amandla phambi kwabo.


Angizange futhi ngikugweme ukunitshela lokho okuwusizo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.


Abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoKhristu uJesu imihla ngemihla, ethempelini nasemakhaya.


UJesu wamphendula, wathi: “Ngikhulumile esidlangalaleni ezweni. Ngezikhathi zonke, bengifundisa esinagogeni nasethempelini, lapho kubuthana khona bonke abaJuda, angikhulumanga lutho ngasese.


Wabuye wathi kimi: “Ndodana yomuntu, wonke amazwi ami engiyakuwakhuluma kuwe, afake enhliziyweni yakho, uwezwe ngezindlebe zakho.


UBharukhi wayesefunda encwadini amazwi kaJeremiya, endlini kaSimakade, ekamelweni likaGemariya, indodana kaShafani umbhali, elalisegcekeni elingenhla ngasekungeneni kwesango elisha lendlu kaSimakade, wafunda bonke abantu belalele.


Umphrofethi onephupho makalande ngalo iphupho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso. Amakhoba ayini kukusanhlamvu na?” kusho uSimakade.


“Yima esangweni lendlu kaSimakade, umemezele lapho leli lizwi, uthi: “ ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango nizokhuleka kuSimakade.


“Konke enginiyala ngakho, qaphelani ukuba nikwenze; aniyukuthasisela kukho, futhi aniyukunciphisa lutho kukho.”


Uma futhi ekhona osusa utho kuwo amazwi encwadi yalesi siphrofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe emthini wokuphila, emzini ongcwele, nakulokhu okulotshwe kule ncwadi.


Kepha kwafika omunye, wababikela wathi: “Amadoda ebeniwafake ejele asethempelini, afundisa abantu.”


Entathakusa wabuyela ethempelini, bonke abantu beza kuye, wayesehlala phansi wabafundisa.


Wayefundisa ethempelini imihla ngemihla. Kepha abaphristi abakhulu, izazimthetho, nezikhulu zabantu, zafuna ukumbulala.


UJeremiya, umphrofethi, wayesethi kubo: “Nginizwile; bhekani, ngiyakukhuleka kuSimakade uNkulunkulu wenu njengoba ninxusile, kuyakuthi noma yiliphi izwi uSimakade ayoniphendula ngalo, nginitshele lona, angiyukunigodlela lutho.”


Kepha indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha, kuzo zonke izizwe zenu, ukuba abeke igama lakhe lihlale kuyo, leyo ndawo niyakuyifuna, niye kuyo,


“Uyokhuluma kubo wonke lawa mazwi, kepha abayukukulalela; uyakubabiza, kodwa abayukusabela.


“Ndodana yomuntu, wena-ke, ngikubeke umlindi wendlu yakwa-Israyeli. Lalela ilizwi eliphuma emlonyeni wami, ubaxwayise, lokho kuvela kimi.


Lo muntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, ubeke inhliziyo yakho kukho konke engizokukhombisa khona, ngokuba ulethwe lapha ukuba ngikukhombise. Tshela indlu yakwa-Israyeli ngakho konke lokhu okubonayo.”


UJoshuwa alikho nalinye izwi angalifundanga phambi kwebandla lakwa-Israyeli, kukho konke uMose ayeyale ngakho; wabafundela bonke abesifazane, abantwana nabafokazi ababehlala phakathi kwabo.


Kepha uSimakade wathi kimi: “Ungathi kimi ungumfanyana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, futhi uyakukhuluma konke engikuyala ngakho.


UJeremiya, umphrofethi, wakhuluma kubo bonke abantu bakwaJuda nakuzo zonke izakhamuzi zaseJerusalema, wathi:


Kepha umphrofethi uJeremiya wathi kumphrofethi uHananiya, phambi kwabaphristi nabantu bonke ababemi endlini kaSimakade,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite