Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 26:19 - IsiZulu 2020

19 “Kambe uHezekiya, inkosi yakwaJuda noJuda wonke, bambulala yini uMikha na? Abesabanga yini uSimakade, bamncenga uSimakade, Yena wayiyeka inhlekelele ayekhulume ngayo kubo na? Pho, thina sesizakwehlisela phezu kwethu ububi obukhulu kangaka na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 “UHezekiya inkosi yakwaJuda naye wonke uJuda bambulala impela na? Angithi bamesaba uJehova, bamncenga uJehova, uJehova wabuya kukho okubi ayekukhulume kubo, na? Besiyakwenza okubi okukhulu kuyo imiphefumulo yethu.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 UHezekiya inkosi yakwaJuda naye wonke uJuda bambulala na? Akamesabanga uJehova, wamncenga uJehova, uJehova wazisola ngobubi abebukhulume ngabo na? Kanjalo singenza ububi obukhulu emiphefumulweni yethu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 26:19
26 Referans Kwoze  

Lapho ingelosi yelula isandla sayo ukuba ibhubhise iJerusalema, uSimakade wazisola ngalobo bubi, wayimisa ingelosi eyayibhubhisa abantu, wathi: “Sekwanele.” Ingelosi kaSimakade yayisesibuyeni sika-Arawuna, umJebusi.


USimakade wawuguqula umqondo wakhe ngenhlekelele ayehlose ukuyehlisela abantu bakhe.


kodwa uma kuvela kuNkulunkulu, aniyukuba namandla okubachitha, funa mhlawumbe nifunyanwe ningabaphikisana noNkulunkulu.” Bamvumela-ke.


Mhlawumbe uSimakade uNkulunkulu wakho uwezwile amazwi uRabi Shake awathunywe yinkosi yase-Asiriya, inkosi yakhe, okweyisa uNkulunkulu ophilayo, amsole ngawo uSimakade uNkulunkulu wakho; ngalokho phakamisela insali esaseleyo umkhuleko wakho.”


Kwathi ukuba inkosi uHezekiya ikuzwe lokho, yaklebhula izingubo zayo, yagqoka indwangu eyisaka, yangena endlini kaSimakade.


ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaphrofethi, ubanike igazi ukuba baliphuze; okuyikhona kubafanele.”


Liyakubizwa kini lonke igazi labalungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo, kuze kube kwelikaZakhariya indodana kaBharakiya, enambulala phakathi kwethempeli ne-althare.


Amacebo owenzile athele indlu yakho ngehlazo ngokubulala abantu abaningi wenza isono kuwe uqobo.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: nikwenzelani lokhu okubi kangaka kinina uqobo, niqede kini abesilisa, abesifazane, izingane nabasancelayo kubaJuda, nize ningazishiyeli nansali na?


Kuphela yazini nokwazi ukuthi uma ningibulala, niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu, phezu kwalo muzi, naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngokweqiniso nguSimakade ongithume kini ukuba ngisho wonke lawa mazwi ezindlebeni zenu.”


Mhlawumbe bayakulalela, baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi; nami ngiyakuguquka ngingabehliseli inhlekelele ebengizobehlisela yona, ngenxa yobubi bezenzo zabo.


Bhekani, uSimakade uyaphuma endaweni yakhe ukuba ajezise abakhileyo emhlabeni ngenxa yesiphambeko sabo. Umhlaba uzodalula igazi elichithwe kuwo, ungabe usabafihla ababulawelwe kuwo.


“Hambani ningibuzele kuSimakade, mina nensali ka-Israyeli noJuda ngamazwi akule ncwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaSimakade ethululelwe phezu kwethu; okhokho bethu abazange baligcine izwi likaSimakade, benza njengalokho okulotshiwe kule ncwadi.”


UHezekiya inkosi, no-Izaya umphrofethi, indodana ka-Amose, bakhuleka ngenxa yalokhu, bakhala bebhekise ezulwini.


Izitsha zempepho zalezi zoni sezingcwele ngenxa yomvuzo wempilo yazo nangokuba zaziletha kuSimakade. Zicangcathe zibe yizingcwecwe zokwemboza i-althare, zibe wuphawu futhi kubantu bakwa-Israyeli.”


USimakade waxola ngalokhu. “Ngeke kusenzeka,” kusho uSimakade.


IBhethele lalithume uSharezeri, noRegemu Melekhi nabantu babo ukuyonxusa ebusweni bukaSimakade,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite