Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 25:8 - IsiZulu 2020

8 Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ngenxa yokuba aniwalalelanga amazwi ami;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngenxa yokuba ningawalalelanga amazwi ami,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngokuba aniwalalelanga amazwi ami,

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 25:8
8 Referans Kwoze  

“Kepha aningilalelanga, ningicunulile ngemisebenzi yezandla zenu, nazigwaza ngowenu,” kusho uSimakade.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.


USimakade wathumela abaphrofethi phakathi kwabo ukuba bababuyisele kuye, babaxwayisa, kodwa abazange balalele.


Ngubani owanikela uJakobe ukuba aphangwe, no-Israyeli kubaphangi na? Akusiye yini uSimakade lona esonile kuye, abangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe, nokulalela umthetho wakhe na?


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngiyakwehlisela phezu kwalo muzi nemizana yawo, yonke inhlekelele engikhulume ngayo, ngokuba benze lukhuni intamo yabo, bangawalalela amazwi ami.’ ”


Ngakhuluma kuwe kusakuhambela kahle, kepha wathi: ‘Ngeke ngilalele.’ Lokhu kungumkhuba wakho, kwasebusheni bakho; ukuba ungalilaleli izwi lami.


ngokuba abawalalelanga amazwi ami,” kusho uSimakade, “engawathumela kubo ngezinceku zami, abaphrofethi, ngibathumela ngingaphezi; kodwa kanilalelanga,” kusho uSimakade.


“Ningafani nokhokho benu okwathi lapho abaphrofethi bakuqala bememezela kubo, bethi: Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ake niphenduke ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu zobubi,’ kodwa abalalelanga, futhi abazange banginake, kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite